21 | Ezemidlalo
Friday, 31 October 2025
NGUNJABULO Blom wodumo kwiChiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
ANGASE axoshwe elimele umdlali ozakhele udumo kwiKaizer Chiefs, okuvela ukuthi ikilabhu yakhe yaseVietnam ikhathazekile njengoba engalulami.
UNjabulo Blom (25) odlala esiswini, uthengwe yiNam Dinh yaseVietnam ngoJuly, imthenge kwiSt Louis City yase-United States of America ngo-R5,9 million.
ISt Louis City ibimebolekise kwiChiefs ngesizini edlule, kodwa wafike wadonsa kanzima ukuthola ijezi. IChiefs imubuyisele emuva.
Kuthiwa iNam Dinh ihlongoza ukumxosha uma kuvulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuary. Kubikwa ukuthi ikhala ngokuthi sekuphele izinyanga eziwu-3 zonke engalikhahleli ibhola ngenxa yokulimala.
Okukhalisa kakhulu le kilabhu wukuthi uyikha ngamahalavu imali njengoba kuthiwa umholo wakhe wazinyanga zonke ungaphezulu kuka-R600 000, engakafakwa amabhonasi.
NGU-SHANDRE Campbell ejabulela elinye lamagoli akhe.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Nakuba izinto zimbhedela uBlom, kodwa uPercy Tau odlala naye kule kilabhu, zisamhambela kahle izinto njengoba isikimu kungesakhe.
* Khonamanjalo, uShandre Campbell (20), waseNingizimu Afrika - odonsa kanzima ukuthola isikimu kwiClub Brugge yaseBelgium - ushaye elinye lamagoli le kilabhu ibhabhadisa i-Eendracht Aalst ngo-6-1 koweBelgium Cup ngoLwesithathu.
Imidlalo ye-English Premier League (EPL) engale mpelasonto imi kanje:
NGOMGQIBELO
Brighton vs Leeds United 17h00.
Burnley vs Arsenal 17h00.
Crystal Palace vs Brentford 17h00.
Fulham vs Wolves 17h00.
Nottingham Forest vs Manchester United 17h00.
Tottenham Hotspur vs Chelsea 19h30.
Liverpool vs Aston Villa 22h00.
NGESONTO
West Ham vs Newcastle 16h00.
Manchester City vs Bournemouth 18h30.
NGOMSOMBULUKO
Sunderland vs Everton 22h00.
* EyeSeria A yona imi kanje:
NGOMGQIBELO
Udinese vs Atalanta 16h00.
Napoli vs Como 19h00.
Cremonese vs Juventus 21h45.
NGESONTO
Hellas Verona vs Inter Milan 13h30.
Fiorentina vs Lecce 16h00.
Torino vs Pisa 16h00.
Parma vs Bologna 19h00.
AC Milan vs AS Roma 21h45.
NGOMSOMBULUKO
Sassuolo vs Genoa 19h30.
Lazio vs Cagliari 21h45.
* EyeSpanish La Liga:-
NGOLWESIHLANU
Getafe vs Girona 22h00.
NGOMGQIBELO
Villarreal vs Rayo Vallecano 15h00.
Atletico Madrid vs Sevilla 17h15.
Real Sociedad vs Athletic Club 19h30.
Real Madrid vs Valencia 22h00.
NGESONTO
Levante vs Celta Vigo 15h00.
Deportivo Alaves vs Espanyol 17h15.
Barcelona vs Elche 19h30.
Real Betis vs Mallorca 22h00.
NGOMSOMBULUKO
Real Oviedo vs Osasuna 22h00.