15 | Izindaba

Friday, 31  October 2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:

Ibulawe  iqeda ukutotosa abafazi bayo abawu-15 inyanga:

Image

YINYANGA uGodo olulala amankankane namakhosikazi ayo, okuthiwe ibulawe iqeda ukuwatotosa.

01


Redboy Mnguni:

KODWA bantu, uma ubulala umuntu owusizo kanje, uthi izingane zakhe nabafazi bakhe mabaphile ngani?
Kwaze kwanzima ezweni esiphila kulo.

02


Simphiwe Shumi Mchunu:

HHEYI izitikile emhlabeni le nyanga yodumo, 15 wonke wabafazi!

03


Khanyisile Nontokozo:

CHA ibithwele ngabafazi le nyanga. Lezi zingane zabantu sezizoba ngabafelokazi zonke. Zizosala ziklwebhana, engasekho yena.

04


Sphe Malibongwe:

BASEBANCANE laba bafazi benjalo nje. Bazokwaziwa maduzane phela uzele izinsizwa lowa baba.

05


Mdladlah BM:

BEKUYINSIZWA kodwa le, ngiyavuma. Abafazi abaningi kanje futhi ubazalise bonke?

06


Zamasompisi Ndlela Zamasompisi:

AKE kuvele owaziyo ngempela ukuthi abafazi bebebangaki, nakhu sekuthiwa 15 manje ekubeni bekuthiwa bawu-10.

07


Qhuzu Seni Ndlovu:

NGIYAVUMELANA mina manje noMagaye uma ethi niyizinunu.

08


Sineh Mzilankatha:

UBENGEKE vele aphephe, abantu besifazane abangaka?

09


Nhlaka Shozi:

RIP Godo olulala amankankani.

10


Redboy Mnguni:

HHEYI kodwa webantu besibhamu kaninanembeza! Nakini kuyeza.

11


Makhosazana Buthelezi:

BAKHONA abebemsiza ngeke.

12


Mabongi Makhaye:

KWAZE kwabuhlungu bakithi.

13


Nomthie Mbuyazi:

 BANE-UNIFORM yabo.

14


Nuno Myirha:

AMANDLA abafazi abangaka kodwa lobaba ubewathathaphi?

15


Skhumbuzo M'fesi Ngema:

UMA sekuyilo usuku, akekho ongaluphikisa.

16


Siphamandla Skhalo:

HHEYI  bekuyinkunzi yombhemu le. Itotosa abafazi abawu-15 bese kuzoba khona isifuthamfene esihlulwa ukutotosa umfazi oyedwa.