03 | Izindaba

Friday, 31 October 2025

Isexwayiso sikaMkhwanazi kwabaka-matric nge-pens down

Kuye kube nezigemegeme kule micimbi esuke ihambisana nezimbiza zikaFaro, abanye bashona ezingozini zezimoto, abanye bayadlwengulwa...

Image

Skhosiphi Mthembu

KUKHUZWE abafundi bakamatikuletsheni ngokuziphatha budlabha emicimbini abavamise ukuyenza uma beqeda ukubhala iphepha lokugcina likaGrade 12, elaziwa nge-pens down.

UMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uJenene uNhlanhla Mkhwanazi, udonse ngendlebe abafundi baka-matric ukuziphatha kahle, wathi amaphoyisa ngeke abenalo uzwelo kubona uma bephula umthetho njengoba le micimbi ivamise ukuphetha kabi ngokulimala kwabanye, abanye badlwengulwe sebeqiwe yizinkamba zikaFaro.

Lokhu uMkhwanazi ukusho izolo ngoLwesine ngesikhathi kunomcimbi wokwethulwa ngokuse-mthethweni kohlelo lokuphepha njengoba kuza amaholide okuphela konyaka.

Lo mcimbi bewuse-Amphitheatre Gardens, eThekwini. Ubuhanjelwe ngabantu abahlukene, kubalwa nezinhlaka zezokuphepha (
ezisesithombeni esingezansi).

Image

Phakathi kwezinhlaka ebezikhona zokuphepha, kubalwa amaphoyisa kaMasipala weTheku, amaphoyisa omgwaqo (RTI), onogada bezinkampani ezahlukene, abaqapha emingceleni, nezinye.

Ezikhulwini zikahulumeni bekukhona noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, owamukele lolu hlelo obelethulwa nguMkhwanazi.

Ngaphambi kokuba kwethulwe lolu hlelo, kuqale kwaba nomviliyelo wamaphoyisa ahlanganise zonke lezi zinhlaka.

Lokhu kuthumele umyalezo oshubile kwizephulamthetho, kwaqinisekisa nokuthi amaphoyisa azokube echithiwe kulesi sifundazwe ukuqinisekisa ukuphepha komphakathi nezivakashi, njengoba kuza amaholide kaDecember.

Image

Ekhuluma nezihambeli uMkhwanazi, uthe lesi sikhathi sihambisana nokubhala kukamatikuletsheni okuvamise ukuthi uma sewuqedile ukubhala, abafundi bawo, bazihlanganise nemicimbi ebanjwa minyaka yonke, eyaziwa ngokuthi yi-pens down.

Uthe kule micimbi kuningi okwenzekayo okupha-mbene nomthetho.  Unxuse abafundi ukuthi okungenani babhekane nekusasa labo ngoba le micimbi ivamise ukuphela kabi.

Uthe abafundi bakamatikuletsheni mabangayi kula maphathi beyoqeda ngempilo yabo, ngoba abantu baba yizisulu zokudlwengulwa, abanye babulawe.

Ucele ukuba nabazali bezingane babambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi izingane zabo kazizihlanganisi nezinto ezingalungile ngoba amaphoyisa ngeke abe nozwelo kuzona uma ziphambana nomthetho kule micimbi.

Image

Uphinde wanxusa nabashayeli bezimoto ukuqikelela ukuthi bahamba ngezimoto ezisesimeni esihle.

"Isifundazwe sethu sakhelene nemingcele ebheke emazweni angaphandle, okusho ukuthi imigwaqo ebheke kule mingcele iba matasa ngesikhathi samaholide. Amaphoyisa azobe etshalwe ezindaweni ezahlukene ukuqinisekisa ukuphepha nasemgwaqweni," esho.

Unxuse umphakathi nabashayeli ukuba bawabike amaphoyisa angaziphathi kahle, ikakhulukazi lawo asuke efuna intshontsho, wathi lokho kuphambene nomthetho.

Image