17 | Ezemidlalo
Friday, 31 July 2026
NGUNKOSINGIPHILE Ngcobo oyibamba esiswini kwiKaizer Chiefs.
Ujabulela ukuqala kwesizini ewumqemane njengoba ejwayele ukuhlushwa wukulimala
Senzo Sokhela
UTHEMBISA into yamehlo ngale sizini uNkosingiphile Ngcobo (26) ongumdlali weKaizer Chiefs onyuselwe esikimini esikhulu sale kilabhu evutha bhe, kodwa wafika phezulu wabanda.
IChiefs izovula imidlalo yeBetway Premiership nomakoti beligi iKruger United ngoMgqibelo ngo-20h00 eMbombela Stadium, eMpumalanga.
UNgcobo odlala esiswini, unyuselwe esikimini esikhulu seChiefs ngo-2017. Nokho selokhu enyukele esikimini esikhulu udonsa kanzima njengoba engakaze nje abe nesizini ephelele edlala. Uphinde abe nenkinga yokuhlushwa wukulimala. UNgcobo uthi njengoba le sizini izoqala engumqemane nje, abantu bazobona into yamehlo.
"Ngizizwa ngisesimweni esihle kakhulu, sengikulangazelele ukuqala kwemidlalo. Inhloso yami kulokhu wukuthi ngiyisebenzele kanzima le kilabhu, ngifake umfutho owengeziwe. Ikhempu ebesinayo eSpain ihambe kahle kakhulu, isisizile. Bengizifuqa ngoba ngizimisele ngokubukisa abalandeli bethu into yamehlo. Sizuze lukhulu kule khempu abantu bazokubona lokho ngalo mdlalo wethu wokuvula," kusho uNgcobo.
NGUMQEQESHI omusha weChiefs, uFernando Da Cruz.
IChiefs idlale ibhola elithembisayo inqoba okokuqala ngqa iToyota Cup ngokwehlula iScottland FC yaseZimbabwe ngo-1-0 ngeledlule eRoyal Bafokeng Sports Palace, eRustenburg. Lo mqhudelwano bewulokhu unqotshwa yizimenywa zeChiefs njengoba waqala wadliwa yiYoung Africans yaseTanzania ngo-2024, eyabhudluza iChiefs ngo-4-0 eFree State, kwathi ngesizini edlule wawinwa yi-Asante Kotoko yaseGhana sekushaywa amaphenathi eThekwini.
Okunye okwenza kulindelwe lukhulu kwiChiefs wukuthi seyishaya ngomlolongi omusha, uFernando Da Cruz waseFrance.