18 | Ezemidlalo
Friday, 31 July 2026
UBlom ubuyele e-Indonesia echithwa yiStellies abezama inhlanhla kuyona
LAPHA kungesikhathi uNjabulo Bloem esayibamba kwiKaizer Chiefs.
UKHATHAZEKILE ngesimo sakhe uNjabulo Blom (26) ozakhele udumo edlala kwiKaizer Chiefs njengoba esanda kuthola umsebenzi omusha. UBlom odlala emuva, usayiniswe yiBoneo FC sase-Indonesia.
Usayina kule kilabhu nje, ubekade ekhonjwe indlela yiNam Dinh FC yakulona leliya lizwe. Nayo iNam Dinh ibikade imsayinise emuva kokuba exoshwe yiSt Louis City SC yase-United States of America (USA).
UBlom bekubikwe ukuthi ujima neStellenbosch FC egijima kwiBetway Premiership, kodwa izinto zangalunga kule kilabhu elolongwa nguGavin Hunt. Uthi nakuba kumjabulisa ukuthola ikilabhu azodlala kuyona kodwa ukhathazekile ngesimo sakhe kula masizini amathathu edlule.
NGUNJABULO Bloem edlube imibala yekilabhu yakhe entsha.
"Ngijabule ngokuthi ngibuyele e-Indonesia emuva kokuba izinto zingahambanga kahle kwiStellenbosch. Bengithanda ukubuyela ekhaya kodwa isimo saphoqa ukuthi ngiphindele e-Indonesia.
"Ngiyabonga ngethuba engilinikwe yiBoneo kodwa ngakolunye uhlangothi ngikhathazekile njengoba ngilokhu ngintunta. Ngifuna uzinzo manje, ngifuna ukuba sekilabhini engizohlala kuyona, hhayi ukulokhu ngigcogcoma," kusho uBlom.