15 | Izindaba
Friday, 31 July 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: I-ANC iphawula ngamakhansela ajoyine iDA, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
Themba Mbili:
Liselinye ikhaya leGNU, lokho akuthusi nhlobo nje. Basazohlanganyela uMsholozi.
Bongmusa KamaNtuli Ntuli:
Bhala lapho uthi uphuthu.
Sibandile Sibandile:
Yeyi into esiyenziwe yilo baba! Kodwa-ke, vele kasimazi kwakumazi. Akafoneleki! Mhlampe uzobe ese-hands on eseyi-DA.
Elizabeth Schachinger:
Khankasa we Mbambo! Impilo ikhona la kumaBlues. 💙
Zithulele Shandu:
Ipolitiki, wumdlalo wamaxoki.
Tman Comeduze:
Hhayi bandla! Angiyikholwa-ke le. kanti injani nje ipolitiki?
Lazarus Sibongiseni:
Yabona la, sishaywa ngemfe iphindiwe, amampunge lawa.
Zinhle Sibiya:
Vele niyinto eyodwa mos, GNU FAMILY. Anilahlekanga.
Mbongeni Dlamini:
Zifuna amadlelo aluhlaza ezesela.
Sipho Majozi:
Bemukele umuntu nje phaqa kwi-DA, ubengaselona ilungu le-ANC lona, ubesexoshiwe vele.
Ngcebo Mkhwanazi:
Basazokorobha ngaye abelungu.