14 | Izindaba
Friday, 31 July 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Uvume icala, waxolisa owabulala ingane kamakhelwane ena-5, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
NGUSIBONGILE Happiness Ngwadla ovume icala lokubulala umfana ona-5, wakwamakhelwane.
KaBhodlangase Dlomo:
I- Anger iyakwenzisa izinto ezi- wrong. Buka manje usunyanywa okomthakathi ngento eyayingadlula, usungumbulali, udliwa wunembeza, unecala elingasoze laphela empilweni yakho.
Abantu mabafunde ukwamukela izimo ezinzima empilweni.
Ayikho imvula enetha ingami. Umbulali usehluphekisa abantwana bakhe, uyohlala ejele izingane zizokhula ngaphandle kwakhe.
Nokuphiwa Phiwe Mathe:
Ngimcelela udilikajele, hhayi kabi. Usengaze anizondele ukuthi animnikanga imali.
Unonya lo mfazi.
Busisiwe Dladla:
Unesibindi, kawunanembeza.
Musa Sithole:
Ufuna udilikajele lowo muntu. Hhawu! Isihluku esingaka bakithi! Yenzeni ingane ngempela?
Khosi Ngcobo:
Kazi waqala wenzenjani ebulala ingane, ikhala ixolisa?
Hhawuuuu?
Uyinja lo mfazi ghaaaa.
Emeldah Thule:
Kodwa wakucabanga ukuthi isenzo sakhe singamholela ejele?
Mtaka Ncathatha Bulawayo:
Ngabe kwashonaphi ubuntu ebantwini? Sesaba nezinhliziyo zezilwane, nomkhuleko ngeke usasebenza.
Jam-jam Phumza Sphush:
Hheyi, wabulala ingelosi kaThixo engenacala!💔
Khanyi Msani:
Isono! Ingane pho?
Khona ungaxabana nomzali wengane, kodwa lo sisi wayedinga nje isibhaxu straight. Ngavele ngacasuka uma ngimbona.
MaNgwekazi KaGambu:
Isibindi kumuntu wesimame!
Nkosi Ndovela:
Kufanele abolele ejele loyo, uma nisho le ntombazane yakwa-Q. Yenza isihluku esiphindiwe enganeni ingenacala.
Mkwanazi Xaba:
Umthetho awudlale indima yawo.