13  | Izindaba

Friday, 31 July 2026

Kulobe: uZandile Tembe

Ishaye Izule...

 Igabe ngesitayela nobuchwepheshe iChangan UNI-S

Ine-cruise control nemixhantela eminingi yezokuphepha...

Image

IGABE ngesitayela esihlukile nobuchwepheshe obuphezulu enye yemikhiqizo yezimoto entsha yaseShayina. Uyanda umncintiswano ezimotweni ezingama-SUV, njengoba neChangan UNI-S isingene kulo mgqigqo, okuzokwenza abathengi bacabangisise lapho bethatha isinqumo ngemoto abayifunayo.

I-Changan UNI-S kayizibekanga phansi njengoba ididiyele isitayela, ubuchwepheshe obenza izinto zibe lula kumshayeli, inamandla futhi inenani elifanelekile.

Image

Okunye okuhlukile ngayo uma uyiqhathanisa nezisemkhakheni wayo, wukuthi izomlungela umshayeli osancamela imoto ehamba ngophethiloli.

I-Changan inamamodeli ahlukene ongakhetha kuwo okuyi:
🚙 UNI-S CS esukela ku-R389,900,
🚙 i-UNI-S CL yona ethe xaxa ngenani lika-R429,900, bese kuba:🚙 i-UNI-S CE esezingeni eliphezulu ngemicikilisho yayo, ewu-R469,900.

Wonke lamamodeli ahambisana newarranti yeminyaka emihlanu noma amakhilomitha
awu-150 000, iminyaka emihlanu noma amakhilomitha awu-90,000 esevisi neminyaka emihlanu ye-roadside assistance, okungaheha abashayeli abaningi.

Image

Ngaphandle nje kokuthi amamodeli ahlukile, okubalulekayo ngawo wonke amaChangan UNI-S, wukuthi anenjini ewu-1.5 wamalitha e-turbo abayibiza "ngeBlue Whale", engamasilinda amane.

Le njini ingamakhilowathi awu-138 aqhulula i-torque ewu-300, kanti i-clutch iwu-7 speed iwumshini ozishintshayo, idonsa ngamathayi angaphambili.

Image

Idla uphethiloli ongamalitha awu-7.0 emakhilomitheni awu-100, okuyenza ingene khaxa emkhakheni wezimoto ezingama-SUV kaphethiloli.

Imoto yakhona esezingeni eliphansi iza namalambu eLED, ne-touchscreen ewu-12.8-inch, u-10.25-inch wesimanjemanje lapho ubona khona yonke imininingwane nesimo semoto, kusukela ejubaneni,
i-RPM yenjini, ibanga osulihambile, isimo samathayi, kanti lesi-screen sikuvezela nokusondelana kwakho nezimoto kuwo wonke amacala, nemixhantela ekusizayo lapho ushayela, nokunye.

Image

Njengokulindelekile njengoba igabe ngokuchwepheshe obuphezulu, ukwazi ukuxhuma ifoni ngaphandle kwekhebuli ku-Apple CarPlay
no-Android Auto, ine-cruise control nemixhantela eminingi yezokuphepha.

Uhlobo lwe-CE lwe-Changan UNI-S lona luza nokuthe xaxa njengoba ino-19-inch wamathayi e-alloy, uphahla lwe-panoramic kagesi, izitulo zikagesi kanti ngobuchwepheshe iyakwazi ukukugcinela indlela isihlalo somshayeli noseceleni kwakhe sihleli sisesimweni esisodwa (seat memory), nokunye.

Image

Ibhuthi layo lingamalitha awu-475, linganela uhambo olude lwangempelasonto nomndeni.

Ngenani lika-R469,900, i-UNI-S CE incintisana neHaval H6 Luxury, iChery Tiggo 7 Pro Max Executive, iToyota Corolla Cross XR, iKia Seltos GT-Line neHyundai Tucson Premium.

Okungayithwalisa kanzima wukuthi lezi encintisana nazo sezihlalile emakethe, futhi zithenjwa kangcono kanti yona isafika njengoba besavula nje amanye amagalaji kuzwelonke.

Engingakuthokozelanga yindlela i-clutch yayo ebuye ibe manqika ngayo lapho usuka noma usemgwaqweni odinga ushintshashintshe isivinini.