12 | Izindaba
Friday, 30 July 2026
Izwekazi i-Afrika, ibhekene nenkinga yesibalo esiphezulu sabantu abane-HIV.
Mthokozisi Dlomo
KUYATHOKOZISA ukubona yanda imizamo yamazwe omhlaba yokuqeda ngegciwane nesandulela-ngculazi nengculazi uqobo.
Ukuphela kwalesi sifo kungaba wukunqoba okukhulu eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe asezwenikazi i-Afrika, abhekene nenkinga yesibalo esiphezulu sabantu abane-HIV.
Lokhu kwenza ibe ningi imali efakwa wuhulumeni ekwelapheni abantu, okuyimali ebingasetshenziselwa ezinye izinto, ezinjengokuthuthukisa ingqalasizinda.
Okujabulisayo wukuthi abacwaningi neziphathimandla zamazwe, sebeyabona ukuthi manje sekumele kugxilwe kakhulu ekutheni abantu bangangenwa yilesi sifo, kunokuba kuchithwe imali eningi ngabantu asebenaso.
Uhulumeni wethule izinhlobo ezahlukene zokuvikela abangakabi ne-HIV
Emasontweni edlule uhulumeni wakuleli umemezele ukuqala kokusetshenziswa komjovo iLenacapavir (esithombeni esingenhla), othathwa kabili ngonyaka, ukuvikela umuntu angangenwa yiHIV.
Lokhu bekuyigxathu elikhulu kusukwa kwiPre-exposure prophylaxis (Prep) ngoba kubonakele ukuthi abantu abaningi banenkinga yokuthatha amaphilisi nsuku zonke.
Kuyisiqalo esihle ukuthi kuqalwe ngabantu abasengcupheni yokungenwa yilesi sifo, okubalwa kubona abantu abathengisa ngomzimba namantombazane asemancane.
Izindaba ezinhle kulabo abesaba umjovo
Kuyiqiniso ukuthi umjovo kawumngani wamuntu.
Yizindaba ezinhle kwabaningi ukuthi abacwaningi beMerck Group, sebeya emaphethelweni ngocwaningo lwabo ngomshanguzo omusha, i-alimatravir, wokuvikela ingculazi.
Okuhle ngawo wukuthi wona uyiphilisi elilodwa, olithatha kanye emuva kwezinyanga eziyisithupha.
Empeleni usuvele sewenziwe, manje abacwaningi sebesesigabeni sesithathu (sokugcina) sokuhlola ukuthi kawunabo yini ubungozi, nokuthi ulungele ukusetshenziswa ngumuntu onjani (clinical trials).
Okunye okujabulisayo wukuthi inkampani yakuleli i-Aspen Pharmacare, ibalwa nezinye zezinkampani ezinikwe imvume yokuzikhiqizela lo mshanguzo (generic).
Lokhu kubalulekile njengoba uhulumeni kaMnu Donald Trump, unqamula uxhasomali iMelika ebilunika iNingizimu Afrika ukulwa nesandulela-ngculaza.
Okwethu njengezakhamizi
Abantu abaningi bathi okubenza bahambele kude nemitholampilo, yingenxa yempatho abayithola khona nokucwaseka.
Kwabanye kubonakala kusahlazwana ukuya emtholampilo uyofuna amaphilisi okuthi ungangenwa yingculaza.
Amehlo obukwa ngawo athi, “kanti yini le oyoyenza”.
Okokuqala okumele sikwenze nje, wukushintsha indlela esicabanga ngayo nesibuka ngayo izinto.
Izikhathi sezishintshile, iHIV yinto esingathi isize yemukeleka ukuthi ikhona. Akumele kube yihlazo ukuyelapha nokuyivikela.
Okwesibili: Nathi siyizakhamizi sineqhaza okumele silibambe ukuze kunqotshwe lesi sifo.
Yithina okumele sisheshe sisukume, semukele lezi zaba ezenziwa wuhulumeni ukuze ziphumelele.
Kuyijoka lethu ukuqinisekisa ukuthi kasilwenzi ucansi olungaphephile, sisebenzise amajazi omkhwenyana.
Imishanguzo yokuvikela ingculaza kayilona ithikithi lokuthi umuntu azibandakanye ocansini olungaphephile ngokukhululeka.
Okumqoka okumele sikukhumbule wukuthi le mishanguzo ngeyengculaza kuphela, kayizivikeli ezinye izifo ezithathelana ngokocansi.