07 | Izindaba

Friday, 31 July 2026

Image

UMalusi Mbokazi nomcimbi wokugubha iminyaka eyishumi, emculweni

Le minyaka uthi uyigubha njengoba esezimele emculweni

Lucky Cain

"IMINYAKA eyishumi uzimele emculweni akuyona into okumele uyithathe kancane."

Lawa ngamazwi kaMalusi Mbokazi awasho ngesikhathi ekhuluma ne
LANGA Lempelasonto. UMalusi uchaze kabanzi ngomcimbi wakhe wokugubha le minyaka esemculweni, ozoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini ngomhla ka-5 kuSeptember.

Uqale ngokucacisa ukuthi iminyaka eyishumi ayigubhayo, yileyo yokuzimela kwakhe ngemuva kokuphuma eqenjini Abanqobi.

"Akubanga lula ukuthatha isinqumo sokushiya Abanqobi ebesengibe nabo kusukela ebusheni bami. Ngesikhathi sengikhetha ukuzimela, kwafana nokuthi ngimusha, ngiqala phansi emculweni ngoba kuningi okwakumele ngikufunde ngawo, nangohlangothi lwebhizinisi lomculo," esho.

       Lo mculi ubonga ukubambisana okuhle nomkakhe,
        okunguyena umphathi wakhe

Ubonge ukubambisana okuhle nomkakhe, okunguyena umphathi wakhe. "Ukudlula kweminyaka eyishumi ngisamile, abantu bengeseka ngendlela emangalisayo, akuyona into engiyithatha kancane.

"Ngiyabonga angiphezi ngabantu abame nami kusukela ngisekuBanqobi kuze kushaye isikhathi sengithatha isinqumo sokuzimela," esho ebonga.

Uthe isona sizathu esimenze wavumelana nomkakhe ukuthi bangayiyeki le minyaka idlule ngaphandle kokuyijabulela, nokubonga abalandeli bakhe.

"Sibone kufanele ukuthi senze umcimbi omkhulu e-ICC, lapho sizomema bonke abathandi bomculo wami, ngibize nozakwethu emculweni esikwazile ukuyibamba nabo kule minyaka ukuba sizogubha le minyaka," esho.

Uthe ngomhla ka-5, kuzobe kungelona nje usuku lukaMalusi, kodwa luzobe lungabo bonke abantu abazobe bezodumisa, bezobonga kuMdali, kanjalo nabafuna ukuzizwa belapheka emphefumulweni ngezingoma zendumiso.

"Simema wonke umuntu omaziyo uMalusi nalowo ongamazi, ukuba ngalolu suku abe yingxenye yomcimbi," esho.

Image

Uthe kulo mcimbi kuzobe kuboshelwe abaculi okubalwa kubona uHlengiwe Mhlaba (osesithombeni esingenhla), uSbu Noah, uNtokozo Ngongoma, uBabo Ngcobo, uKhaya Mthethwa, uXolisa Kwinana, uSneziey nabanye.

Uthe okunye okuhle ngalo mcimbi wukuthi uzonika ithuba umculi osemusha lokuzozibonakalisa, uParadise Mdlalose, okhombisa ukuba nekhono eliyisimanga.

UMalusi ucacisa ngokungabikhona kweqembu elamethula ebantwini, Abanqobi.

Uthe isizathu salokhu wukuthi lo mcimbi ngowokugubha iminyaka ezimele, akuwona owokugubha ibanga aselihambile emculweni.

Ukucacisile ukuthi ubudlelwano neqembu Abanqobi, busebuhle, njengoba esaqhubeka nokulithatha njengabafowabo.

 Amathikithi alo mcimbi ayatholakala eWebtickets nasezitolo zakwaPick n Pay, ngo-R200 no-R500.