06 | Izindaba

Friday, 31 July  2026

Image

NGUMUFI uZothani Zungu (20), waseMlaba Village, eHammarsdale, otholwe egqitshwe ngasemfuleni emuva kokunyamalala.

Kunzima emndenini othole ingane yawo igqitshiwe emuva kokunyamalala

Thandi Zondi noSkhosiphi Mthembu

KUVUKE iminjunju emndenini kaMnu Zothani Zungu (20), waseMlaba Village, eHammarsdale, otholwe eseshonile, egqitshwe ngasemfuleni ngemuva kokunyamalala izinyanga ezintathu.

ILANGA Lempelasonto likhulume noNkz Zandile Zungu (31), ongudadewabo omdala kamufi, othe bashaqekile ngokuboshwa kwezelamani ezingabangani bakamufi.

Uthi umndeni ufuna izimpendulo zokuthi babembulalelani. UNkz Zungu uchaze kabanzi ngokwenzeka ngosuku anyamalala ngalo umufi.

"Kwafika abangani bakhe ababili, abayizelamani, bamthatha ekhaya ntambama ngomhla ka-21 kuMay, kuwuLwesine, bathi baya esitolo," echaza.

"Ngosuku olulandelayo ngoLwesihlanu, kuthiwa omunye wabangani wafika, ekhaya wabika ukuthi bajahwe yimoto ngayizolo, yabaphuca ababeyokuthenga.

"Omunye wabangani bakamufi owayekhona ngosuku abamthatha ngalo, kuthiwa wafika ekhaya wacela umfowethu ukuba amphelezele baye kwaWebber emaphoyiseni, bayovula icala lomuntu onyamalele ngoba bebona sekuphele isikhathi eside engatholakali.

"Ngosuku okwakumele kuvukwe ngalo, akabange esatholakala umngani. Kwafika unina, wathi ingane yakhe ihlaselwe ngabantu ezintatha, bayishaya bayikhipha amazinyo, bahamba nayo.

"Ngemuva kokunyamalala kukamfowethu, ubudlwelwano nomndeni wabasolwa bebungasekho buhle. Unina wabasolwa wasivulela icala, esisola ngokuthi siyabahlukumeza. Wathi siyamhlukumeza njengoba besilokhu sibuza ezinganeni zakhe ukuthi ukuphi uZothani," echaza.

Kuvela ukuthi abangani bebebuye bahluphe emphakathini

UNkz Zungu uthi umufi nabasolwa bebengahlukani, bezwana.

"Bebengamathe nolimu, kwesinye isikhathi bebelala ngisho ekhaya.  Alukho olubi ebesilwazi ngabo.
Kodwa-ke kuthe ngemuva kokuvela kwalesi sigameko, zaqala zaphuma izindaba zabangani, ukuthi bebebuye bahluphe emphakathini, babambe inkunzi," esho.

Echaza ngokutholakala kukamufi, uthi kusize izingane zesikole ezaqhamuka zabika ukuthi zibone omunye wabangani emba ngasemfuleni.

"Yilapho-ke kubikelwe khona amaphoyisa, afika nezinja zahogela umkhondo ngoba abangani bebengasazi nokuthi bamgqiba ngakuphi," esho. 

Uthi abakufisayo njengamanje wukufihla ngesizotha ithambo labo, bathole nobulungiswa. 


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Paul Magwaza, uthe amaphoyisa aseMpumalanga abophe abasolwa ababili, abaphakathi kweminyaka ewu-19 
no-20, ngokubulawa komfana oneminyaka ewu-20, okwakubikwa ukuthi unyamalele.


Uthe uphenyo luholele amaphoyisa engcwabeni elingajulile eMlaba Village, lapho kutholakale khona isidumbu somfana.