05 | Izindaba
Friday, 31 July 2026
NguSibongile Happiness Ngwadla (40), ogwetshiwe.
Skhosiphi Mthembu
UGWETSHWE iminyaka ewu-25 owesifazane ovume icala lokubulala ingane eneminyaka ewu-5, ngoba exabene nonina.
USibongile Happiness Ngwadla (40), ugwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo ngoLwesine, emuva kokuvuma icala lokubulala ngoLwesibili.
Inkantolo imgwebe iminyaka ewu-25 kwelokubulala uNtobeko Xaba (5), ewu-5 kwelokuthumba, newu-3 kwelokufuna imali ngenkani.
IJaji uNompumelelo Radebe lithe izigwebo uzozidonsa kanye kanye.
NguNtobeko Xaba owabulawa.
Izolo enkantolo uNgwadla ubelokhu ebheke phansi, kwaze kwaba ijaji likhipha isigwebo.
ILANGA selibike kaningi ngalolu daba, emuva kwalesi sigameko esenzeka ngomhla ka-22
ku-Agasti ngonyaka odlule. Ngesikhathi evuma icala uNgwadla uthe isizathu esamenza wagila lo mkhuba, yingoba wayexabene nonina wengane uNkz Ntombifuthi Xaba, bebanga ukuthi wayengafuni ukumsiza enkingeni ayebhekene nayo, yokucwila ezikweletini.
Uveze ukuthi unina wengane nguyena owamfaka ekugembuleni okwamshiya enezikweletu. Utshele inkantolo ukuthi ingane wayithumba unina engekho,waya nayo, esihlotsheni sakhe, wacasha khona.
Uthi wathumela umqhafazo kunina wengane, emazisa ukuthi kuzomele akhokhe imali
ewu-R60 000 uma efuna ukuthola ingane yakhe isaphila. Eqhuba, uveze ukuthi kuthe uma ebona ukuthi imali akayitholi, wabe esethatha isinqumo sokuyibulala ingane ngokuyiphosa ebhuloweni emfuleni esigcemeni sakwa Q, eMlazi. Ingane yaze yatholakala ngemuva kwezinsuku, isidumbu sayo sesiqala ukonakala.
Ijaji ngesikhathi likhipha isigwebo, lithe inkantolo kumele ibheke izinto ezintathu; lithe kumele licabangele isisulu nomphakathi, licabange necala elisuke lenziwe. Lithe uNgwadla wenza isihluku enganeni encane eyayingakwazi nokuziphindiselela.
Lithe ngokombiko wokuhlolwa kwesidumbu, kuvela ukuthi umufi ubude bakhe bungangemitha, nasezithombeni ezithathwe endaweni yesigameko, kuyabonakala ukuthi yayincane kakhulu ingane, yayingeke ikwazi ukuzivikela.
Liveze ukuthi kaliqondi ukuthi kungani uNgwadla engabhekisanga ulaka lwakhe kunina wengane ayexabene naye.
Ijaji lithe uNgwadla ungumama wezingane eziwu-5 nomzukulu, lokhu kusho ukuthi uyabazi ubunzima bokukhulisa ingane. Lithe isigwebo kumele simhlumelelise isimilo sakhe, futhi unethemba lokuthi isigwebo asitholile sizowapholisa amanxeba kubazali bakamufi, nomndeni wonke.