02 | Izindaba

Friday, 31 July 2026

Image

Ikhabhinethi isiphasise ukwelulwa kwesikhathi
samalayisensi okushayela

IKHABHINETHI yakuleli isiphasise ukuba selulwe isikhathi sokuphelelwa yisikhathi kwamalayisensi okushayela.

Emhlanganweni weKhabhinethi ngoLwesithathu, uhulumeni uphasise ukuba isikhathi samalayisensi okushayela izimoto nezithuthuthu selulwe, sifinyelele eminyakeni eyishumi.

Phambilini izincwadi zokushayela beziphelelwa yisikhathi sokusebenza ngemuva kweminyaka eyisihlanu.


Image

Libuyela ngoSeptember olowayeyilungu leSAPS Task Force

KULINDELEKE ukuba liphinde libuyela ngomhla ka-9 kuSeptember kophezulu, icala elibhekene nowayeyilungu lophiko lwe-SAPS Task Force, uMatipandile Sotheni (osesithombeni esingenhla).

USotheni ubhekene necala lokudubula abulale omunye wofakazi kwiKhomisini kaMadlanga, owayebizwa ngo-Witness D, okwagcina kuvela ukuthi unguMarius van der Merwe. Uvele ngoLwesine eNkantolo yeMantshi yaseBrakpan.


Image

Useqokelwe esikhundleni esiphezulu uNkk Bongi Sithole- Moloi

ZIKHWELE izimendlela kuNkk Bongi Sithole-Moloi, oseqokelwe esikhundleni sokuba nguSihlalo woSihlalo bamakomidi eSishayamthetho saKwaZulu-Natal.

UNkk Sithole-Moloi uqokelwe kulesi sikhundla ebesiphethwe nguDkt Ntuthuko Mahlaba, osanda kudlula emhlabeni.

Ikhokhasi ye-ANC eSishayamthetho, imhalalisele uNkk Sithole-Moloi kulesi sikhundla, yazwakalisa ukuthi iyasethemba isipiliyoni azongena naso. 

Kulindeleke kukhishwe incwadi ebizela uNkk Johnson ukuyophendula  futhi, kwiKhomishini kaMadlanga

Image

ANGASE aphinde abizwe ukuzovela phambi kweKhomishini kaMadlanga uNkk Andrea Johnson (osesithombeni esingenhla), obengumphathi
we-IDAC, emuva kokuvela kwezinsolo ezintsha okumele azophendula ngazo.

Ngokubika kwe-eNCA, kulindeleke ukuba incwadi esemthethweni yokumbiza azofakaza ngalezi zinsolo, ikhishwe maduze.

Lezi zinsolo zivele ngo-Adv Drushantha Ramsamy, obethula ubufakazi phambi kwale khomishini izolo ngoLwesine.