18 | Ezemidlalo

Friday, 30 October 2026

Image

NGU-Eric Tinkler (okwesokudla) ongumqeqeshi weDurban City.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Umqeqeshi ubeke izaba bewashiswa ijezi


IPirates, iChiefs neSundowns batonyulwe ukuyidlalela ekhaya eyama-quarter final yeCarling

Mfanafuthi Ndlovu

UBEKE izaba u-Eric Tinkler ongumqeqeshi weDurban City iwasha ijezi ekuseni kwiCarling Knockout Cup, emuva kokuguqiswa yiStellenbosch FC ngo-2-0 emdlalweni we-last 16 obungoLwesithathu ebusuku eChatsworth Stadium, eThekwini.

Amagoli eStellies abhakuziswe enethini nguSinoxolo Kwayiba ngomzuzu ka-83 nangoka-93.

UTinkler ukhale ngokuthi kabasitholanga isikhathi sokuhlelela lo mdlalo njengoba bebuye ngoMsombuluko eNingizimu Afrika, emuva komdlalo wabo weCaf Confederation Cup obuseMauritius ngempelasonto.

ICity ingene esigabeni samaqoqo seConfed Cup okusazoyicinanisa imidlalo yayo.

Isilungiselela ukubhekana neMamelodi Sundowns koweBetway Premiership, ozokuba ngoMgqibelo ngo-20h15 eRoyal Bafokeng Sports Palace, eRustenburg.

Nokho uthi abadlali kufanele balwe kanzima ukubuya namaphuzu agcwele kwiSundowns, yize ekuqonda kahle ukuthi kuzokuba wumdlalo onzima njengoba namaSandawana elwela ukubuyisa lesi sicoco seligi esihlwithwe kuyona yi-Orlando Pirates ngesizini edlule.

"Kuzofanele abadlali bashintshe ukwenza kwiSundowns ukuze sithole amaphuzu agcwele. Bazamile okungangamandla abo koweStellenbosch, sashaywa wukuthi besibuya ohambweni olude, isikhathi sokuphumula singasitholanga kahle," esho.

Image

NGUSIYABONGA Msomi weDurban City emaka uGeorge Matlou weStellies. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Emuva komdlalo weCity neStellies kuqhathwe amakilabhu azogijima kuma-quarter final eCarling Knockout evikelwa yiPirates etomule iSekhukhune United, kwathi iDowns yadonsa iLamontville Golden Arrows ngesikhathi iKaizer Chiefs ihosha iSiwelele FC ukubhekana naso.

AmaZulu FC kulindeleke ukuba alibangise eWestern Cape ukuyodlala neStellenbosch FC kwi-quarter final yalo mqhudelwano.

Izinsuku nezinkundla okuzogijinyelwa kuzona le midlalo kusazomenyezelwa.

* Selulonke uhlu lwemidlalo yamaQuarter final yeCarling Knockout lumi kanje, ikilabhu esekuqaleni izodlalela ekhaya:-
Stellenbosch FC vs AmaZulu FC;
Orlando Pirates vs Sekhukhune United;
Kaizer Chiefs vs Siwelele FC;
Mamelodi Sundowns vs Lamontville Golden Arrows.