16 | Ezemidlalo
Friday, 30 October 2026
NGABADLALI beBucs, uThalente Mbatha (okwesobunxele) noLebone Seema behlanganisela uMduduzi Shabalala weChiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
UGABE nangerekhodi elihle langesizini edlule u-Abdeslam Ouaddou ongumqeqeshi we-Orlando Pirates ezoshukana neKaizer Chiefs koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto.
Lo mdlalo wezingqungqulu zaseSoweto ungoka-186 selokhu la makilabhu aqala ukubhekana ebholeni laseNingizimu Afrika.
Lo mdlalo uzogijinywa nje, iPremier Soccer League (PSL) igubha iminyaka ewu-30 yasungulwa ngu-Irvin Khoza, uKaizer Motoung, uRaymond Hack noLawrence "Big Bear" Ngubane ongasekho ukubala nje izikhulu ezimbalwa.
U-Ouaddou utshele abezindaba ngoLwesine eGoli ukuthi limqinisa idolo irekhodi labo langesizini edlule, ufisa sengathi bangaqhubeka nalo nakulo mdlalo.
Ngesizini edlule, iBucs inqobe ngo-3-0 emzuliswaneni wokuqala, kowesibili kwaba ngu-1-1, okwenza yathatha amaphuzu amane kwiChiefs.
NGU-ABDESLAM Ouaddou ongumqeqeshi wePirates.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthe uyakuqonda ukuthi okwenzeke ngesizini edlule kakulula ukuthi kuphindeke, wathi kodwa umlando kawusheshi ukucimeka ebholeni.
"Ngiyazi ukuthi iChiefs isingaphansi kwabaqeqeshi abasha, kepha ningakhohlwa ukuthi iPirates iyizingqwele zeBetway Premiership.
"Kuningi abaqeqeshi abasha beChiefs abafike nakho kubadlali, kubalwa ukuguqula imiqondo yabo nendlela yokudlala, kodwa ngiyazethemba ezami.
"Yiqiniso elingephikwe ukuthi ingcindezi ikhona njengoba siya kulo mdlalo. Nokho okubalulekile wukunika abadlali ithuba lokuzibonakalisa kulo mdlalo.
"Ngeke nangengozi ngivimbele abadlali ukwenza okusemiqondweni yabo, inqobo nje uma kuzokwenza siphumelele.
"Kufanele sidlale lo mdlalo ngokukhulu ukuzimisela. Okumqoka njengoba siya kulo mdlalo, wukugcina abadlali bethu abasebancane bewulungele ngokomqondo, bangabi novalo ukukhombisa ithalente labo enkundleni.
"Kumqoka ukuba sibenze bakhululeke kulo mdlalo. Okuhle wukuthi sikwazile ukuhlaziya izitha, sabona ukuthi yikuphi okuzomele sikwenze ukungena ngenxeba," esho.
Uthi balokhu bebakhumbuza abadlali ngezinhloso zekilabhu zangale sizini zokuvikela lesi sicoco nokunqoba esase-Afrika.
Uthe nakanjani, abalandeli bePirates bazobhema bakholwe ngezinga elizokhonjiswa ngabadlali bakhe kulo mdlalo.
UJason Shield wakwaBetway, uncome umshado wabo nePSL. Uthe ukhiqiza okuhle ezifisweni abanazo.
NGU-THIERRY Henry.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthe abalandeli bala makilabhu bazokuba sethubeni lokuhlomula ngo-R30 000 ozodluliswa nguThierry Henry - owanqoba iNdebe yoMhlaba yeFifa neFrance ngo-1998, behlula iBrazil ngo-3-0 kowamanqamu - ozokube ekhona kulo mdlalo njengoba eyinxusa labo.
Le mali itholwa ngumlandeli osuke egqoke kahle umfaniswano wekilabhu yasekhaya, ngaphansi kwesiqubulo esithi, “Sibonise Campaign”.
Uthe selokhu lesi siqubulo basisungula, sebephisane ngemali ebalelwa ku-R1.5 million.
* Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership engempelasonto imi kanje:-
NGOLWESIHLANU E-Old Peter Mokaba: Marumo Gallants vs Siwelele FC 19h30.
NGOMGQIBELO E-FNB Stadium: Orlando Pirates vs Kaizer Chiefs 15h30.
ESugar Ray Xulu: Milford FC vs Sekhukhune United 15h30.
EDanie Craven: Stellenbosch FC vs Chippa United 18h00.
EPrincess Magogo: AmaZulu FC vs Golden Arrows 18h00.
E-Old Peter Mokaba: Polokwane City vs TS Galaxy 18h00.
EMbombela Stadium: Kruger United vs Richards Bay 20h15.
ERoyal Bafokeng: Mamelodi Sundowns vs Durban City 20h15.