12 | Ezempilo

Friday, 30 October 2026

Ukungcola kwamanzi emvula kuya ngendawo ohlala kuyona nesikhathi sonyaka...

Qinisekisa ukuthi amanzi emvula owaphuzayo ahlanzeke ngokwanele


Kugweme ukuthi kube namanzi ahlala isikhathi eside...
Image

Mthokozisi Dlomo

IHLOBO yisikhathi semvula, esiletha intokozo kubantu abahlala ezindaweni ezinenkinga yamanzi. Ukukhongozela amanzi emvula kuyindlela esheshayo yokukha amanzi, kodwa ongoti baxwayisa abantu ngobungozi obungaba kuwona.

Ubungozi emanzini emvula:

Amanzi emvula asuka emafini ehlanzekile, kodwa ekwehleni kwawo angangcoliswa ngamakhemikhali, uthuli, intuthu nokunye okusemkhathini ngaphambi kokuba afike phansi.

Abantu abaningi abaphuza amanzi emvula, bawakhongozela ngophahla olufulele izindlu. Uma amanzi eshaya ophahleni, angagugula ukungcola okuphezulu okhetheni noma emapayipini, ahambe nakho ayongena esigujini noma ebhakedeni.

Image

Kungagcina sekungena nezinto eziyingozi njengemvuthu yokhethe oluhhohlokayo (rust), upende, i-Asbestos, i-lead ne-copper.
Izimo zemvelo zinomthelela ekungcoleni kwamanzi emvula.

Amanzi emvula ezindaweni ezinezimboni angaba nobungozi ukwedlula awasezindaweni ezisemakhaya, ngenxa yokungcola komkhathi. Kokunye iso lakho lingakutshela ukuthi amanzi ahlanzeke ngokwenele kanti agcwele amagciwane angadala izifo njenge-E.coli.

Izindlela zokunciphisa ubungozi emanzini emvula:

🌧 Ukuwabilisa amanzi;
🌧 Ukuwacwenga nokuwafaka amakhemikhali ngezinye zezindlela ezejwayelekile zokwenza amanzi engabi nabungozi obutheni.

Kubalulekile ukuqinisekisa ukuhlanzeka endleleni oqoqa ngayo amanzi emvula, futhi ube nendlela yokuwahlonza (test) ukuthi asesimweni esikahle yini ukuthi angaphuzwa.

Ukungcola kwamanzi emvula kuya ngendawo ohlala kuyona nesikhathi sonyaka. Uma imvula ina kakhulu (ngesikhathi sasehlobo), amanzi aba ngconywana ukungcola.

Indlela owakha ngayo nayo inomthelela okuhlanzekeni kwawo. Amanzi angahlanzekile ngokwanele angaba nobungozi obehlukene kubantu ngokwezimo zempilo yabo, kungaba yizingane, abantu abadala nabagulayo.

Ezinye izaba ongazenza:

💧 Ungaqali ukhongozele amanzi okuphuza imvula isaqala, ikakhulu uma besekunesikhathi lingani. Ngesikhathi imvula iqala ishaya, ukungcola okuningi kuya ngokuwasheka ophahleni nasemaphayipini.
💧 Abanye baphakamisa ukuthi ubeke into evulekile emvuleni, amanzi angene ngqo esitsheni, angaqali agingqike okhetheni noma ophahleni. Lokhu kuyalinciphiza izinga lokungcola kwamanzi emvula.
💧 Uma uqeda ukukha amanzi, wanike ithuba, ukungcola kuzike obuningi buhlale phansi.
💧 Ungasebenzisa iJik. Uma ungakwazi ukuwabilisa ungafaka i-teaspoon leJik engenaphunga (uncented) emanzini angango-25 litre, ugoqoze, bese uyalinda imizuzu ewu-30 ngaphambi kokuwaphuza.
💧 Vama ukuhlanza ithangi, izigubhu namabhakede ogcina kuwona amanzi okuphuza.
💧Kugweme ukuthi kube namanzi ahlala isikhathi eside, ophinde wengeze phezu kwawo.

Image

Okokugcina: Kubalulekile ukuqaphela izimpawu zokuphuza amanzi anobungozi ezifaka nokulunywa yisisu nohudo. Uma ubona lezi zimpawu kuwena noma omunye womndeni, shesha uphuthume uyothola usizo lokwelashwa.

Amanzi emvula aphephile ukuwasebenzisela ezintweni ezifana nokuwasha nokugeza, kodwa kumqoka ukuqinisekisa ukuphepha kwawo ngaphambi kokuwaphuza, ukuxhubha nokupheka ngawo, ukunisela nokuyakaza ngawo izithelo nemifino.