08  | Izindaba

Friday, 30 October 2026

Ufudukela eMabhida owe-Old Skool Picnic

 IMafikizolo imenyezelwe njengelinye 
 lamaqembu azonandisa kulo mcimbi...

Image

 Yiqembu leMafikizolo elizonandisa kwi-Old Skool Picnic, ePeoples Park, eMoses Mabhida.

Lucky  Cain

UFUDUKELA endaweni enkulu nevulelekile eMoses Mabhida People's Park, umcimbi
we-Old Skool Picnic, obe yimpumelelo ngonyaka owedlule ngesikhathi uqala ukwenzeka ngomhla ka-26 kuDecember.

Lo mcimbi ukhuza ibuya kulo nyaka
ngomhla-ka 26 December. Abahleli bawo bathi uzoba sezingeni eliphezulu uma uqhathaniswa nowangowedlule.


UZama Mkhize ongomunye wabahleli bawo, uthe isasasa lo mcimbi wangonyaka owedlule libaphoqe ukuba bathole indawo evulelekile, ezokwazi ukumumatha izinkumbi zabantu.

"Ngonyaka owedlule sasisezwa amanzi ngobhoko kwazise sasiqala ukuqhamuka nalolu hlobo lomcimbi, lapho sijabulisa abantu bama-90s, 80s, 70s njalo njalo okuyilapho sibakhumbuza khona ezamzukwana ngohlu lwabaculi noDJ esisuke sibamemile.

"Nebala abantu bakhombisa intshisekelo enkulu noma nje izulu lingabanga lihle kodwa abantu bakwazi ukuba nathi sajabula, sakhumbula izinsuku zenjabulo," kusho uZama.

Uthe nakulo nyaka bazimisele ukuqhubeka lapho bebashiye khona abantu ngokuthi balinyuse izinga.

"Nakulo nyaka sizimisele ukwenza okungaphezulu ngohlu lwabaculo nangezinga lomcimbi. Yingakho sifudukele nasePeople's Park ngoba besifuna indawo lapho bezokwazi ukujabula ngendlela ekhululekile futhi ezobavumela," esho.

UZama uthe ngalo mcimbi bafisa ukukhuthaza ukuthi umculo wamzukwana ungashabalali, futhi nabaculi ababenedumela ngale minyaka baqhubeke nokuqashwa nokujabulisa abantu.

"Kuba buhlungu kwesinye isikhathi kweminye imicimbi ubone kudlala ingoma yomculi osekunesikhathi engabonakali abantu beyithokozela, kodwa yena engatholi lutho ekubeni izingoma zakhe zisathokozelwa.

Image

Uthe umcimbi we-Old Skool Picnic usuke ugabe ngezingoma ze-kwaito, afropop/soul, hip hop nomaskandi.

Uqhube ngokuthi kuyabajabulisa ukuthi ngemuva kwamahora awu-48 bememezelile ukubuya kwalo mcimbi baveza nokuthi iMafikizolo izoba sohlwini lwabazonandisa kulo nyaka, amathikithi okuqala ka-R150 athengiswe asheshe aphela.

"Manje sesisele naqala ku-R250 ajwayelekile no-R850 awezicukuthwane, nawo akhombisa ukuthengwa mawala," esho.

Uphethe ngokuthi uhlu olugcwele lwabazonandisa emcimbini walo nyaka bazolumemezela maduze, uma sebephothule izingxoxo nabaculi noDJ abathintekayo.