03 | Ezikaqedisizungu

Friday, 30 January 2026

Image

USkhinkili wodumo, uveza okumakhele ugazi kubathandi bakamaskandi

Ukhumbula eshiya angalazi kubalandeli beGcokama, ebasola ngokuvala i-account yakhe yeTik Tok

Lucky Cain

UVEZA eyokushiya indaba "kaqhawe lami"  kubaculi bakamaskandi, njengento emenze waphenduka intandokazi kubalandeli balolu hlobo lomculo, ezinkundleni zokuxhumana, uSkhinkili (osesithombeni), ogama lakhe langempela nguCelinhlanhla Sithole (27). 

USkhinkili osebenza njengonogada kwenye yezinkampani, uthi isinqumo sokungabinayo imfivilithi kulo mculo, yikhona okumenze waba nabalandeli, futhi wathandwa ngabantu abaningi abalandela umaskandi.

Engxongxweni ekhethekile neLANGA Lempelasonto, uSkhinkili - odabuka eMpofini, eNadi, ngaphansi kukaMasipala waseMshwathi - uveze ukuthi idumela lakhe ezinkundleni zokuxhumana liqale ngesikhathi engumlandeli wokuqina kaKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose.

Uthi ubehamba phambili uma kumele kulwelwe leli qhawe lakhe kulezi zinkundla.

 "Kusukela uKhuzani eqala ukuvelela, bekwaziwa ukuthi uma kukhona ozosho oluthile ngaye, ngizobakhona ngimlwele. Bekuthi uma ethukwa, nami ngisho phakathi," kusho uSkhinkili, ekugcizelela ukuthi uKhuzani ubeyiqhawe lakhe emculweni.

Image

Ukhumbula nangesikhathi abantu bekhononda ngokuhlukanisa unyaka kwengoma kaKhuzani, ethi "Umjolo".

 "Nangaleso sikhathi ngangihamba phambili, ngiyivikela le ngoma. Ngangibabuza ukuthi kungani bengavotanga," esho. 

Uveza ukuthi ngaleso sikhathi wayengakaze ahlangane nokuhlangana noKhuzani, kodwa kwakwaziwa ukuthi uyazifela ngaye.

Uthi lokhu kushintshe ngesikhathi evalwa enkundleni yakhe yokuxhumana, iTikTok, ngemuva kokufaka i-video eyabe inabantu ababephethe izibhamu.

"Ngenxa yokungabinalo ulwazi olugcwele, ngasola amaRed Nation (abalandeli bakaMthandeni 'Igcokama Elisha' Manqele).

"Ngabasho ngabasho ezinkundleni zokuxhumana, ngibasola ngokuvala i-account yami," esho.

Uthi wathola ngokuhamba kwesikhathi mayelana nembangela yokuvalwa kwe-account yakhe.

Image

Uthi wavula entsha, wacela abantu ukuba bamlandele kabusha.

"Sengiyivulile i-account entsha, ngangilokhu ngicela abantu ukuba bangilandele, kodwa kuhamba kancane," kusho yena.

Uthi uthando lomculo kamaskandi lwaluvele lukhona.

"Ngaqala ngazenzela ama-video ngiziculela ngendlela yami, abantu baqala ukunginaka. Kodwa okwaba nedumela kakhulu, kwaba ngesikhathi ngenza i-video, ngicela abantu ukuba bangifundise ukwenza i-vlog.

"Abantu bachazeka ngendlela engangicela ngayo, ngoba ngangifana neqaba elingazi lutho," kusho uSkhinkili.

Uthi  le video yakhe yahamba kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, baqala banda nabalandeli bakhe.

Image

"Ngaqhubeka nokuziqopha ngiziculela, futhi ngaleso sikhathi ngase ngimile ekugxileni kuKhuzani ngenxa yokuthi izingoma zakhe zazingakatholakali ku-TikTok. Lokho kwenza ngabheka izingoma zabanye abaculi.

"Ingoma eyathandwa kakhulu ngabantu ngesikhathi ngiyicula, kwaba ngekaScebi (Inkosi YamaGcokama). Ngangibanga umsindo, ngiyicula ngendlela yami," esho.

 Uthi yilapho abona khona ukuthi abalandeli bayakhula uma engagxilile kumculi oyedwa.

Uthi waqala lapho waziqopha, esecula nezinye izingoma zabanye abaculi, eseduze kweveni lakhe elibomvu, asebenza ngalo ebhizinisini lakhe lokwakha ama-blocks.

Uthi wamangala indlela abantu abamamukela ngayo neveni lakhe, njengoba abanye babehlekisa ngalo, kwazise libukeka lingekho esimweni esihle ukuba semgwaqweni.

Image

Ngenxa yedumela lakhe, uthi yilapho waqala khona, wathola izimemo zokuhambela imcimbi emikhulu.

"Ngikhumbula kahle umcimbi wokuqala engamenywa kuwona kwaba ngowoMbuso waMaCiko, ohlelwa nguGeh Ngcobo.

"Lo mcimbi wangivulela amathuba okuthi ngimenywe nakweminye, kwalandela omunye waseDUT, eMgungundlovu," kusho yena.

Uqhakambise ingoma kaMthandeni, iGucci, njengenye yezingoma ezanezela ugazi lwakhe kubalandeli bakamaskandi, kwazise labo ababemazi esahamba noKhuzani, bathuka ukuthi uyiqhakambisa kanjani le ngoma.

Uthi ukuqhakambisa le ngoma kwamenza waze wamenywa nasemcimbini kaMthandeni waseMdletsheni, okwakhombisa abantu ukuthi nebala usephumile embangweni wabaculi - kodwa usezimele - akasathathi hlangothi.

Image

NGUSKHINKILI enomculi kamaskandi, uMthandeni.

Uthi unyaka owedlule ube noshintsho kakhulu empilweni yakhe, njengoba ebeseqashwa ngapha nangapha emicimbi ukuyophatha uhlelo, nasemishadweni imbala.

Uthi okumangalisayo wukuthi neveni lakhe elibomvu seliphenduke 'usaziwayo'  emicimbini ayihambayo, abanye baze bamcele ukuba afike ngalo, bamcele nokushutha nalo.

USkhinkili uveze ukuthi uzobe eyingxenye yomcimbi wezithandani ozoba seMount Sinai Resort, eVryheid, lapho ezobe eshiyelana inkundla noMawelele noDJ Phumza.

 Uthe okwamanje akakathathi, kodwa ubusiswe ngezingane ezimbili.

Unxuse abalandeli bakhe ukuba baphume ngobuningi ukuyogubha naye usuku  lwezithandani, naye uzobe ephethe esakhe isithandwa.