08 | Izindaba

Friday, 30 January 2026

Image

INGWENYAMA uMswati inamabutho ayo emcimbini weNcwala.

UMswati ubonge amabutho ngo-R45 million


Kuzohlukaniselana wonke ayingxenye yoMkhosi weNcwala

Phumlani Gama

IGIXABEZE amabutho ayo ngo-R45 million, yawabhansela ngomhlambi wezinkomo (izinkunzi kuphela) eziwu-141 iNgwenyama uMakhosetive "Mswati III" Dlamini, iwabonga ngokuyeseka kuzona zonke izimo ehlangabazana nazo.

UMswati III uthe kuyamthokozisa ukuthi kuyona yonke imisebenzi nemikhosi yesizwe, amabutho aphuma ngobuningi bawo ukuyomeseka.

Uthe kawagcini nje ngokumeseka uma kuyizimbizo zenjabulo, kodwa ameseka ngisho nangezikhathi zobunzima. 

Umemezele ukuthi unqume ukubonga amabutho abeyingxenye yoMkhosi weNcwala, oqale ngasekupheleni konyaka odlule. Lo mkhosi uthatha izinyanga ezimbili.

Image

Ngokubika kwephephandaba laseSwazini, iSwaziland News, kunqunywe ukuba lo R45 million wabiwe ngokuthi ibutho ngalinye - kwawu-45 000, ayingxenye yeNcwala - linikwe inkulungwane.

"Ngibongela izwe lakithi eSwatini ngokubusiswa ngamabutho aphikelela phambili. Kulezi zinsuku sibhekene nenkinga yezimvula, kodwa amabutho ayaphikelela ngenhloso yokweseka isihlalo sobukhosi.

"Ziningi izinkinga esinazo ezweni, kodwa amabutho ayazinqoba uma ehlangene, njengoba kwenzeka.

"Kuyintokozo ukuthi namuhla sikhipha ibutho esikholwa wukuthi liqeqesheke ngokwanele.
"Kuyathokozisa nokubona abancane bephuma bezoba yingxenye yemikhosi yasendlunkulu," kusho uMswati.

Image


Mayelana noMkhosi weNcwala; wenziwa izigaba ezahlukene. Esokuqala wukuthi wenziwe ngokwezifunda zezwe.

Ngezinsuku zeNcwala, amabutho abesatshalaliswe ezindaweni ezahlukene, lapho ahambe enza imisebenzi yasendlunkulu. Kule misebenzi kubalwa nokuhlakulwa kokhula emasimini asendlunkulu.

Umsebenzi wokuhlakula emasimini uvalwe ensimini yaseNgabezweni kaLozitha, bude buduze nedolobha laKwaManzini.

NgoMgqibelo odlule bekuwusuku lokugcina lapho iNgwenyama beyiphumela ngaphandle, emuva kokuba sekwenziwe umkhosi wokushiswa kothi (lukhuni).

Kulo nyaka uMswati uhlanganisa iminyaka ewu-40 waqala ukuhlela lo mkhosi.