05 | Izindaba
Friday, 30 January 2026
KUSOLWA ukuthi uqale wadlwengulwa ngaphambi kokuba abulawe umfana obephila nokukhubazeka ngokomqondo, okutholakale isidumbu sakhe ngoLwesithathu, sesiqala ukonakala, emuva kokuba besekuphele amasonto amabili enyamalele.
Isidumbu sikaSiphesihle Khomo (19), waseNyangwini, eMthwalume, sitholakala nje, umndeni ubungabuthi quthu njengoba kuthiwa selokhu wanyamalala, wona namalungu omphakathi bebephuma njalo beyomthungatha.
Kuvele ukuthi yize ebenokukhubazeka, kodwa ubengakaze ahambe angabuyi ekhaya.
Kubikwa ukuthi bekune-condom eduze kwesidumbu sakhe, okuqinise izinsolo zokuthi udlwenguliwe ngaphambi kokuba abulawe.
UMnu Bernad Tryon oyikhansela kule ndawo, engaphansi kuka-ward 10, uthe isimo sibi kakhulu emndenini, ikakhulukazi kuninakhulu kamufi, ngoba ubehlala naye.
"Siphume umkhankaso simbheka, kodwa lutho ukumthola. Kuthe ngoLwesibili, omunye umfana obetheza izinkuni, wabona umuntu emhosheni.
"Umndeni uzwile ngalokhu, wazifikela nawo, waqinisekisa ngezingubo abezifakile (umufi), okubalwa kuzo namateku ukuthi nguyena. Isimo abekusona, bekunzima ukubona ngoba ubeseqala ukonakala," kusho ikhansela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa avule idokodo ngokufa komuntu emuva kokutholakakala kwesidumbu somfana oneminyaka ewu-19, ebesesonakele. Uphenyo luyaqhubeka.