19 | Ezemidlalo

Friday, 30 January 2026

Ezifingqiwe

Image

Kumangale abaningi iPirates idedela uNdah


KUSHAQEKE abaningi i-Orlando Pirates ikhulula u-Olisa Ndah oyisitobha obehlushwa wukulimala kule kilabhu abeyisithandwa sabalandeli kuyona. IBucs ithe imdedele ngosuku lokugcina lokusayiniswa kwabadlali, ukumnika ithuba lokujoyina noma ngabe yiyiphi ikilabhu emfunayo.


Image

Ukhonjwa kwiChiefs owakuleli obedlala eCyprus

UMIHLALI Mayambela ugqabule igoda ne-Aris Limassol yaseCyprus abesehlale iminyaka emine kuyona. Ubekuyona inqoba iligi ngo-2022. Kuthiwa angase abonakale kwiKaizer Chiefs okuthiwa seyinesikhathi eside imgaqele.


Image

ULorch usayiniswe ngoR24 million eLibya

UTHEMBINKOSI Lorch ujoyine i-Al-Ittihad yaseLibya esuka kwiWydad Casablanca yaseMorocco asayiniswa kuyona nguRulani Mokwena ngesikhathi esaqashwe khona. Kuthiwa usayiniswe ngemali ebalelwa ku-R24 million kanti kuthiwa uzogoduka nomholo obomvu nyanga zonke.


Image

IDurban City emkhankasweni wokweboleka oweDowns

IDURBAN City isempini yokweboleka u-Oneke Rulwana ongumdlali weMamelodi Sundowns. Ngakolunye uhlangothi, iStellenbosch FC ikhulule uSanele Barns ukujoyina iRichards Bay FC ayesuke kuyona ngesikhathi ezojoyina le kilabhu isacijwa nguSteve Barker oyishiye maqede indawo yakhe yathathwa nguGavin Hunt.


Image

Unyamalale esezosayiniswa uNcobeni kwiMidlands

BACACISA ngokunyamalala kukaJabulani Ncobeni abeMidlands Wanderers ezovovana inkani neLeicesterford City koweMotsepe Foundation Championship (MFC) ngoMgqibelo ngo-15h00 eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.

UVincent "Masenti" Myeni ongumnikazi abuye aqeqeshe le kilabhu, utshele abezindaba ukuthi kubadidile ukunyamalala kukaNcobeni obezama inhlanhla kule kilabhu. Uthi bebenethemba lokuthi uzosiza le kilabhu empini yokugcina ilungelo lokudlala kwiMFC.

* Imidlalo yeMFC engempelasonto imi kanje:-
NGOLWESIHLANU
EMalamulele: Gomora vs Venda FC 15h30.
ESolomon Mahlangu: Casric vs Cape Town City 15h30.
NGOMGQIBELO
ENWU: Lerumo vs Milford FC 15h30.
EMpumalanga: Midlands vs Leicesterford 15h30.
KaNyamazane: The Bees vs Hungry 15h30.
NGESONTO
EThohoyandou: Leopards vs Baroka FC 15h30.
ETuks Stadium: Tuks vs Kruger 15h30.
ENelson Mandela Stadium: Highbury FC vs Upington 15h30.