14 | Izindaba
Friday, 30 January 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Useshelwa ngawepolitiki uJacinta Ngobese-Zuma
NGUMSUNGULI wenhlangano iMarch in March, uJacinta Ngobese-ZUma, olwisana nenkinga yabantu abakuleli ngokungemthetho, okwenza kugcine kuncisheka izakhamizi zakuleli amathuba.
Mlungisi Mfeka:
Sebefuna ukumguqula, bamenze isiphukuphuku, angabathandi abantu bakubo.
Mahlasecan:
Cha akangabaqomi, silungisa izwe lapha, asidlali.
Bla Blai Shandu:
Sebefuna ukumvala umlomo.
Sinqobile Phakathi:
Sebefuna abhixeke-ke naye manje ngalokhu kungcola kwabo. Ulunge ezimele kanje, engathathi hlangothi.
Shemeni Maz'bambele Luqa Khiy'Ongenaspele:
Angalinge, sinomholi lapha kuye. Akabafusegise bonke, thina sifuna yena.
Sizwe Qwabe:
Osopolitiki ake basimele kancane, sebefuna ukumlawula, bafuna athengise ngabantu bakubo njengabo.
Ntuthuko Duma:
Ungavumi, MaNgobese, sebefuna ukukunika i-envelope e-brown noma baqambele abantu amanga ngawe.
Nazaritewise fm:
Inhloso wukumthulisa njengoXolani Khumalo. Njengoba eseyikhansela nje, ngeke aphinde ajahe abadayisa ama-drugs.
Jabulani Thulasizwe Mchunu:
Uma eke waqoma kuyobe kusho ukushabalala kwalokhu athi wakusungulela iMarch and March. Phela uma ejoyina inhlangano yepolitiki, uyobe eqoma nemigomo yayo, ngeke afike ayijike.
Philani Mthembu:
Akuve ekhohlakele lawo maqembu. Ahlulwa yini ukwenza okufanele, avikele isizwe?
AyandaMageba Zulu Ayanda Ayanda:
Angalokothi ajoyine le migulukudu yala maqembu ezepolitiki uJacinta.
Andile Brian:
Angavumi. Bayabona ukuthi baningi abantu abamesekayo njengoba kuzoyiwa okhethweni.
Mxo Mxolisi:
Akavule elakhe, sikhona sozomvotela ngokuzikhandla kwakhe, usebenzela iZwe Jacinta. 💪
Mcebozi Zungu:
Lawa angabonwa nangalukhalo njengoba sixakwe ngama-zaizai.