06 | Izindaba

Friday, 30 January 2026

Image

KUSUKA kwesobunxele nguKhuzani, ongumculi kamaskandi obuye abe ngumsunguli wemidlalo yebhola kosaziwayo bemikhakha ehlukene emculweni, nguBig Zulu ocula i-Hip-hop, nguDJ Tira owenza umculo we-gqom, noDumi ongumculi 
we-gospel.

Kufe imidlalo yebhola kuthukwa uKhuzani

Kuthiwa izingxabano zazisuswa wukungafuni ukwehlulwa kwabanye ebholeni

Mthobisi Sithole

AQALE izingxoxo zokuzehlisa amaciko kamaskandi kowayesungule imidlalo yebhola phakathi komaskandi namaciko ezinye izinhlobo zomculo.

Kubikwa ukuthi ayazisola amaciko ngokuduba kukaKhuzani Mpungose imidlalo yebhola, njengoba sekuvelile ukuthi kwakunguyena umnikazi wayo.

Kuthiwa uKhuzani wabhala incwadi yokwesula, etshela abanye ozakwabo, okunguBig Zulu (
osesithombeni esingezansi noThinah Zungu ocula i-gospel), okunguyena abebambisene naye, wabe eselandelisa ngokwazisa amaciko kamaskandi.

Image

Kule midlalo yebhola ebiseTsakane, eGoli eminyakeni edlule, ukungaboni ngaso linye  kwakhe (uBig Zulu) nabaculi bakamaskandi, kungenxa yokuthi kuthiwa wayengahambisani nababekusho, bethi makuqalwe phansi imidlalo njengoba babengamukeli ukwehlulwa emdlalweni owawuphakathi kwabo nabaculi beGospel.

Kuthiwa wathukwa ngenhlamba ngabanye abaculi bakamaskandi ezindlini okushintshelwa kuzona izimpahla zokugqoka, waze wabizwa ngaphansi kweziketi zikanina.

Kuvela ukuthi omunye wabaculi wavinjwa efuna ukushaya uNjoko ngenxa yokuthi wayehambisana noKhuzani.

Ngokusho kwababekhona, kuthiwa omunye wabaculi wakhipha nesibhamu. Ukuxabana komaskandi, kuvezwe ngomunye wabo, uKhwezi "Smomoza" Mkhize. 

Uthe ngesikhathi evalelisa uKhuzani eqenjini lebhola ngenxa yalolu udlame, kabavumanga abaculi ukuzibona iphutha labo, bathi makahambe ashone, bazoliqhuba ibhola.

Image

LAPHA kwakuseyizikhathi imidlalo yebhola isaqhubeka kahle. Kusuka kwesobunxele nguKhuzani, nguDumi, nguDJ Tira noBig Zulu.

"Le ngxabano kwasehlula ukuyilungisa ngaleso sikhathi eyenzeke ngaso, ngoba abanye babaculi babethi iqembu lebhola ngelabo (omaskandi), akusilona elikaKhuzani.

"Kwangixaka ukuzwa lokho ngoba umnikazi wayo yonke leya nto yokuzama ukubumba omaskandi, kwakunguyena uKhuzani, wathola nabaxhasi esebenzisa nemali yakhe ukuze into yethu ibe yinhle.

"Ozakwethu bakamaskandi, bamlwisa, bengafuni ukwehlulwa. Sasixabana impela sonke, kodwa kwakufanele simlalele uKhuzani uma ethi, ukulwisa kwethu abaculi beGospel, kuzobulala imidlalo yebhola bese kuhoxa nabaxhasi okubalwa neSABC TV, eyayisakaza le midlalo, futhi-ke kwakunguyena umqali wale nto enzela thina abaculi bakaMaskandi," esho.

Image

NGUDJ Tira noDumi emidlalweni yebhola.

Ethintwa uKhuzani ngalolu daba, uthe ngeke aphawule.

Ngakolunye uhlangothi, uNjoko naye ongomunye wabaculi abahlaselwa, uthe kuyiqiniso ukuthi imimoya yayiphezulu kubaculi.

" Kuyiqiniso impela ukuthi omunye wozakwethu wakhwifa amathe kuxatshanwa. Ukungaboni ngaso linye kuyenzeka emidlalweni yebhola, ngakho-ke akusilona udaba engalubeka enhliziyweni," esho.
mthobisis@ilanganews.co.za