10 | Ezikaqedisizungu

Friday, 29 May 2026

Woza  Nazo Mzala...

Sengathi akuhambanga kahle engomeni yeBafana Bafana...

Image


KODWA ngubani lo, onike u-Arthur Mafokate noChomee ithenda yokwenza ingoma yeBafana Bafana?

Hhayi bo saze saxhashazwa ezweni! Ubengekho yini omunye umculi noma ivukana ebelinganikwa le thenda, ngeke bahlali, ayikho phela leyanto.

Futhi uMzala uyabona ukuthi ne-AI isiyaxhashazwa manje, oMafokate abasakwazi nje ukuba creative? Sengifisa ukubona izihlwele ezizobe zicula leya anthem. Kulungile-ke angithule ngoba nizothi uMzala unomona, kodwa leya ngoma kayishayi khona.

  Anowaqapha 'awobudokotela mbumbulu' 

Image

HE..HE..HE angihleki ngiyalinganisa! UMzala uzwa efikelwa wuhleko uma ezwa ukuthi uSello Maake kaNcube ubopha iTrinity College ngokumhlambalaza.

Phela uzokhumbula ukuthi leli kolishi lamethwesa iziqu zobudokotela mbumbulu. Into engihlekisayo wukuthi abantu baze baphatheke kabi uma uMzala engababizi ngoDr sbanibani....

Leli jazi lobudokotela liyasetshenzelwa, uma kungelokuhlonishwa akumele neze uphatheke kabi uma ezingoMzala zikugagula ngendlela eyejwayelekile.

Asethembe ukuthi ozakwenu bazofunda kulesimo odlula kuso, kubalulekile ukuqaphela ukuthi uhlonishwa ngubani.

 Awucabangisise weMroza, ungazigwazi ngowakho...

Image

NGIYAKUZWA Mroza uma uthi izingoma zakho mazingadlalwa emicimbini wena ube ungaqashiwe.

Ewu nsizwa yakithi inzima lento oyifunayo, futhi kawehlukile nomuntu ozigwaza ngowakhe. Phela uma izingoma zakho zingasadlalwa, lokho kusho ukuthi kawusekho relevant.

Kuze kube manje ingoma kaShwi noMtekhala ethi, "Ngafa, isadlalwa kepha bengaqashiwe emcimbini. Lokho kusho ukuthi banengoma eyophila ngisho bengasekho emhlabeni.

Nawe awuke uyibuyekeze le ndaba. Wena jabulela ukuthi umculo wakho umnandi abantu bayawuthokozela futhi.

Awucabange uMandoza esevuka emangcwabeni, evukela ukuthi kudlalwa ingoma yakhe ethi, "Nkalakatha" emcimbini, noma uBrenda ekhala ngengoma ethi, "Vul'indlela".

Yehlisa umoya ntanga yamashinga, kusemhlabeni lana.