04 | Izindaba

Friday, 29 May 2026

Image

Unovalo okhokhiswe 'inhlawulo' ngokumpimpa izigebengu ebezidayisela izingane izidakamizwa


Ubesekhokhe u-R8 000, ngaphambi kokuba
abasolwa baboshwe


Skhosiphi Mthembu

UBHEKENE nengwadla yokusatshiswa ngokubulawa owesilisa wakwaXimba, eMkhambathini, osola amaphoyisa ngokumdayisa ngemuva kokuwampimpela abadayisela izingane zesikole izidakamizwa endaweni.

UMnu Sizwe Ndlovu (39), usabela impilo yakhe athi kayisaphephile njengoba abahwebi bezidakamizwa basendaweni, bemhlawulise imali ewu-R8 000, ngoba ebacebe emaphoyiseni ngokudayisa kwabo izidakamizwa.

UNdlovu uthi kugcine sekuphoqeleka ukuba angene komashonisa, aboleke imali ukuze akhokhele lezi zigilamkhuba imali ebeziyifuna ngenkani, zimsola ngokuthi uziphuce isinkwa sokuphila, ngokuzimpimpa emaphoyiseni.

Uthi bezimsabisa ngokuthi zizomenzekalisa nomndeni wakhe.

UNdlovu uthi kuze kwaphoqa ukuba ashiye umuzi wakhe, aye ekubhaceni kuze kube bayaboshwa abasolwa abebemkhokhisa imali.

"Le nto iqale ngesikhathi ngibona izingane zesikole ziphuma zingena komunye umuzi osuyinxiwa, khona lapha endaweni. Izingane bezingena kulo muzi, ziphume sezibonakala ukuthi kukhona ebezikubhemile.

"Ngibikele amaphoyisa ngalokho, anikele khona, aphuma esephethe okuthile. Kudlule izinsukwana ngahlaselwa ngamadoda amabili emzini wami, athe avela eMlazi, angitshela ukuthi kuzomele ngiwakhokhele imali ngoba ngiwampimpe emaphoyiseni ngomsebenzi awenzayo.

"Angitshele ukuthi kuzomele ngikhokhe u-R10 000, maqede anginika izinsuku eziwu-10 ukuba ngibe sengiyikhokhile le mali, uma kungenjalo azokwenzakalisa umndeni wami.

"Kudlule izinsuku angifonela, engikhumbuza ukuthi kumele ngikhokhe. Ngiye kumashonisa ngaboleka imali, ngathola u-R5 000, ngabanika wona, ngacela ukuba banginikeze isikhathi ngibuye ngiwugcwalisele.

"Baphinde banginika izinsuku eziwu-10 ukuba ngihlanganise imali esele. Ngibuyele kumashonisa ngathola u-R3 000.

"Ngemuva kokuyikhokha, baphinde bangisabisa ngokuthi uma ngingayikhokhi yonke le mali, bazongibulala.

"Banginikeze umnqamulajuqu womhla ka-20 kuMay. Ngenxa yokuthi bese ngihluleka wukuyikhokha, ngithathe isinqumo sokuba ngibaleke ngiyobhaca," kusho uNdlovu.

Uthi uxhumane nowesilisa onenkampani yonogada, okunguyena omsizile wakwazi ukuyovula icala kwesinye isiteshi, baboshwa abasolwa.
UNdlovu uthi iwuhlukumezile kakhulu umndeni wakhe le nto.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uSgt Thenjiswa Ngcobo, uthe kuboshwe abasolwa ababili ngecala lokufuna imali ngempoqo.
Abasolwa bavelile eNkantolo yeMantshi, eCamperdown.