20 | Ezemidlalo
Friday, 29 August 2025
NGUKHULISO Mudau.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
USALE ngaphandle esikwatini seBafana Bafana sabadlali abawu-23 uKhuliso Mudau oyisitobha seMamelodi Sundowns obesesitelekeni njengoba kuthiwa ubefuna ukuyishiya le kilabhu.
UHugo Broos ololonga iBafana, umemezele iqembu elizobhekana nemidlalo emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba neLesotho kanye neNigeria ngenyanga ezayo.
IBafana izoqala ngokubhekana neLesotho kokaGroup C ngoLwesihlanu lomhla ka-5 kuSeptember ngo-18h00 eFree State Stadium.
Izobe isilandela ngeNigeria ngoLwesibili lomhla ka-9 ngo-18h00, kuyo le nkundla yaseFree State.
NGUTHALENTE Mbatha noKamogelo "Kasongo" Sebelebele bePirates abaseqenjini leBafana Bafana.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UBroos umshiye ngaphandle uMudau abemubizile eqenjini lakhe lokuqala. Bekuxaka vele ukuthi umufake kanjani kwazise ubengakaze adlale ngale sizini, njengoba kuthiwa ufuna ukuhamba kwiDowns.
Ubuyelile ejimini ekuqaleni kwaleli sonto. Indawo yakhe kwiBafana ivalwe nguzakwabo, uZuko Mdunyelwa, okunguyena futhi ovale indawo yakhe kwiDowns.
UBroos uthi ugculisekile ngeqembu aliqokile, futhi unethemba lokuthi lizokwenza kahle.
IBafana kulindeleke ukuba iqale ikhempu ngoMsombuluko.
Iqembu leBafana selilonke limi kanje; onozinti:Â URonwen Williams (Mamelodi Sundowns), uSipho Chaine (Orlando Pirates) noRicardo Goss (Siwelele).
Abasemuva: UNyiko Mobbie (Siwelele), uZuko Mdunyelwa (Mamelodi Sundowns), uMbekezeli Mbokazi (Orlando Pirates), uKhulumani Ndamane (TS Galaxy), u-Aubrey Modiba (Mamelodi Sundowns), u-Ime Okon (Hannover 96), uSamukele Kabini (Molde FK) noSiyabonga Ngezana (FCSB).
Abasesiswini: UTeboho Mokoena (Mamelodi Sundowns), uBathusi Aubaas (Mamelodi Sundowns), uThalente Mbatha (Orlando Pirates) noLuke Le Roux (Portsmouth).
Abaphambili:Â UKamogelo Sebelebele (Orlando Pirates), u-Oswin Appollis (Orlando Pirates), uPatrick Maswanganyi (Orlando Pirates), u-Iqraam Rayners (Mamelodi Sundowns), uMduduzi Shabalala (Kaizer Chiefs), uMohau Nkota (Al-Ettifaq) noRelebohile Mofokeng (Orlando Pirates).