15 | Izindaba

Friday, 29 August 2025

Imibono

Odabeni oluphume ngoMsombuluko kwiLANGA, baphawule kanjena abafundi bethu kwiFacebook 
ngowesifazane okuthiwa ubulale ingane yakhe ehlangane nesoka elingayizali:

Image

WUSANA oluneminyaka emibili, olushaywe lwaze lwafa, ngunina ehlangene nesoka lakhe, elingeyena uyise wengane. Kunezinsolo zokuthi lwanukubezwa.


Cassius Phiwayinkosi Vutha Gumede:
UZOTHOLA ukuthi nalelo soka lingumuntu wokufika.


Nkosi Ndovela:
NALO lelo soka lisazomshiya uma lingambulalanga.


Mzamo Paymaster Myeni:
HHAYI ngeke abantu bayagula, baphelelwe wubuntu.
Uyibulala kanjani ingane yakho?


Thulani Bhekani:
YILE wunga abayibhemayo ngoba nakho lokhu okomfana bekungazisoli nhlobo nje.


Siboniso Siboniso:
KODWA wubulima obunjani lobu nkosi yami?


Charlie S Mtshengu:
HAIBO noma uNkulunkulu angawubhubhisa manje umhlaba. Sekwanele.


Ngqongqoshe Dlomo:
YISIPHUKUPHUKU somuntu wesifazane leso, uyasazi isidwedwe.


Zamkor Mnquhe Madondo:
WAZE wayisilima bo lowo mama.


KamaThusi Biyela Buhle:
ISIPHUKUPHUKU somfazi. 😭💔


IntombikaNongoloza Gumbi KaMdakane:
HHAWU! Cha waze wakhona!
Umuntu abulale amathumbu akhe? 😟😟


Scelo Xaba:
NGICELA bangaboshwa laba ababulale ingane, banginike bona sithi ukuxoxa kancane.


Mthobic Magayear Ntuthuko:
UDAKWE wuthando noma?


Skhumbuzo M'fesi Ngema:
 YISITHUPHETHU sowesimame. 💔🚮


Sandile Blose:
LAFA elihle kakhulu!


Madlokovu Esengweni:
MMH 😟😟emhlaben nkosi.