14 | Izindaba
Friday, 29 August 2025
NGUMFUNDISI uThulani Zikhali amakholwa akhala ngaye, athi uwafuna imali ebandleni.
Sir-Lindo WakwaMantshinga:
NGATHI bonke banjalo.
Ntshebe Funda Langa: :
KONJE uyadakana umbuso wemali yomnikelo?
Stingy woman association:
MAKAHAMBE ayosebenza umoruti.
Lilly James:
NIFUNA azifele ngani ngoba banemi- ndeni, bayondla?
Ntombiza Nombntombi Nontoh:
BATHI owakuliphi ibandla? 🤨
Ernest Nhlangoti:
KWASEKUQALENI ukuba ngumfundisi wakukhethela lokho. Fakani imali nina, ongafuni akafokofe.🤪
Mkhululi Shandu:
AKAYEKWA ngani asonte yedwa, abone ukuthi uzoyithola kuphi le mali?
Lucky Khuboni:
AKEKHO olapha eMzansi ongayithandi imali. Nabakuhulumeni kabafuni ukuphuma ngenxa yemali. Nabokufika bagcwele eMzansi ngenxa yemali. Ongenaso isono semali makambethele umfundisi.
Mageza..Dudla:
SIPHUTHUME, owakuphi?
Thabo Khethinyama Ntsheb'iyeza Mbutho:
AYIZE ngamasoso, iNkosi ibe nomusa.
Themba Sibiya:
MABANGABE besanikela abantu, izophela indelelo futhi inceku izobazi abanye abantu.
Lady-Dee Queridah Sydia Sales:
ELOKUQOQA imali izwi linevesi lalo. Kazi udelela athini-ke umfundisi?
NHlanhla Nhlanhla:
NAWO la makholwa ayadelela. Ahlaleleni ebandleni lomfundisi ongawahloniphi?
Tutu Bricks:
NIYOZE nidelelwe ngomunye umfana ningamadoda, yini le nto yokukhonza uyindoda?