21 | Ezemidlalo

Friday, 28 November 2025

Ingebhe kwabeComrades ngomjaho wekhulu ozokuba ngo-2027

Lokhu kudalwa yisasasa elikhonjiswe ngabagijimi ngowango-2026, ogcwale emahoreni awu-10 kuvulwe ukuwubhalisela
Image

OKWENZEKE kubhaliselwa iComrades Marathon yangonyaka ozayo kuqubule ingebhe kubahleli balo mjaho ngokungase kwenzeke koyingqophalando ngo-2027.

Mzwamandla Zondi

ABE-COMRADES Marathon Association (CMA) banovalo ngomjaho wabo wango-2027 emuva kwesimo ababhekene naso ngomjaho wangonyaka ozayo, ozokuba ngomhla ka-14 kuJune, usukela eThekwini usongwe eMgungundlovu.

Umjaho ka-2027 kuzokube kungoka-100.

Kuvulwe ngenyanga edlule ukubhalisela umjaho wango-2026, kodwa kuthathe amahora alishumi nje kuphela ukuba kutholakale isibalo esidingekayo sabasubathi abawu-22 000, okususe omkhulu umsindo izindimbane zabagijimi zikhala ngokuthi zisale ngaphandle.

AbeCMA bathe bekungokokuqala emlandweni ukuba ukubhalisela lo mjaho kuthathe amahora alishumi.

Bathe bebezitshela ukuthi okungenani kungaba yizinsuku ezimbili kuya phezulu njengoba kwenzeka ngo-2019, bethola isibalo abasidingayo ngezinsuku ezintathu.

Bathe lokhu okwenzeke nonyaka kwenza balale obenyoni uma becabanga ngomjaho wango-2027.

Image

NGUMQONDISI Ngcobo ongusihlalo weCMA.

UMqondisi Ngcobo ongusihlalo weCMA - ozophuma maduze njengoba ihlandla lakhe liphela njengoba kusongwa le nyanga - uthe: "Siyazwelana nabasubathi abasale ngaphandle kubhaliselwa umjaho wangonyaka ozayo.

"Uma umjaho ubheke eMgungundlovu, ngeke sikwazi ukwamukela isibalo esingaphezulu kuka-22 000 ngenxa yokuthi indawo lapho kuphelela khona umjaho incane, futhi uma uke wavala indawo ethile eMgungundlovu, kuvele kujame yonke into, kungafani naseThekwini.

"Liyasijabulisa isasasa elikhonjiswa ngabasubathi kwiComrades, kodwa ngidumele ngokuthi abasubathi abaningi abasale ngaphandle ngabampisholo, engingazi noma bashaywe yimali noma ezobuchwepheshe besimanje.

"Abasubathi besibanike ithuba lokukhokha imali ngama-instalment uma besindelwa, " kusho uNgcobo.

Uqhube wathi izinhlelo zomjaho wango-2027 baziqale nyakenye. Uthe ithimba abalithumile lizobuyela kubona ngaphambi kokuphela kwalo nyaka, lapho kubhekwe ukuba lisho ukuthi kufanele bamukele isibalo esingakanani, yilapho umjaho ozophelela khona, nokunye okufanele bakubheke.

Uthe bangaphezulu kuka-25% abasubathi abazokube beqala ukugijima lo mjaho ngonyaka ozayo.

Uveze ukuthi iGauteng yiyona enabasubathi abaningi, kanti sehlile esabaKwaZulu-Natal abangenele umjaho wangonyaka ozayo.

Uthe abasubathi abasale ngaphandle mabalinde uhlelo lwe-substitution ngonyaka ozayo - lapho abasubathi abasuke bengeke besakwazi ukuqhubeka nomjaho benika abanye izikhala zabo.