17 | Ezemidlalo

Friday, 28 November 2025

Okukhathaza iDurban City ngomdlalo wePirates


Kunxuswa abalandeli ukuhambela oweBay FC noSuthu oseMhlathuze ngoLwesihlanu

Image

NGUMQEQESHI weDurban City, uGavin Hunt enokaputeni wakhe, uSiphamandla Ncanana. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mfanafuthi Ndlovu

UKHATHAZWA ngeyokugijimela imidlalo yasekhaya emikhulu yeDurban City eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ukaputeni wale kilabhu uSiphamandla Ncanana.

Lo mdlali ubekhuluma neLANGA Lempelasonto ngomdlalo wale kilabhu ne-Orlando Pirates, weBetway Premiership ozokuba ngoMgqibelo ngo-15h30 kule nkundla enkulukazi eThekwini.

ICity iyidlalela eChatsworth Stadium imidlalo yayo yasekhaya selokhu ifudukele eThekwini, isuka eMgungundlovu.

UNcanana uthi bazizwa besekuhambeni uma bedlalela eMabhida, kungafani noma beseChatsworth eyikhaya labo ngqo.

Nokho uthi bazimisele ngokwenza konke okusemandleni ukunqoba lo mdlalo yize iPirates ingabhenywa kulezi zinsuku njengoba ibambene ngamaphuzu awu-25 neMamelodi Sundowns eqhwakele kwi-log.

UNcanana uthi badonswe ngendlebe ukugwema ukungenelwa yigoli ngoba lokho kungabafaka ngaphansi kwengcindezi enkulu njengoba kwaziwa ukuthi iPirates ilandelwa kakhulu KwaZulu-Natal.

Image

NGABADLALI bePirates; u-Evidence Makgopa - ogodle uRelebohile Mofokeng - noTshepang Moremi okubhekeke ukuba bathwalise kanzima iCity. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UGavin Hunt ongumqeqeshi weCity, uthi ukhathazwa wukuthi ezakhe zakha amathuba amaningi kodwa zingawasebenzisi.

Uthi uthembe nerekhodi lakhe elihle uma ebhekene nePirates. Nokho uthi ubegxile nasezitobheni ngesikhathi benza amalungiselelo alo mdlalo, ukugwema ukuvuzisa amagoli.

Uthi kufanele babaqaphe ngelokhozi abagadli bePirates abaholwa nguRelebohile Mofokeng, u-Evidence Makgopa, u-Oswin Appollis noTshepang Moremi abawumgogodla ngisho nakwiBafana Bafana.

Image

NGUNOZINTI woSuthu uDarren Johnson, nozakwabo, uKeegan Allan.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Omunye umdlalo obhekwe kakhulu ozokuba KwaZulu-Natal, ngoweRichards Bay namaZulu FC ngoLwesihlanu ngo-19h30 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.

UDarren Johnson ongunozinti woSuthu, uthi bafuna ukuqhubeka nomgqigqo wabo omuhle njengoba ngeledlule benqobe iSiwelele FC ngo-2-0 eThekwini.

Ngakolunye uhlangothi, uLangelihle Mhlongo osanda kujoyina uSuthu ephuma kwiBay FC, unxuse abalandeli ukufika ngobuningi kulo mdlalo ukuyobafaka ugqozi.

Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership imi kanjena:
NGOLWESIHLANU
ERichards Bay Stadium: Richards Bay vs AmaZulu FC 19h30.
NGOMGQIBELO
EMoses Mabhida: Durban City vs Orlando Pirates 15h30.
E-Old Peter Mokaba: Polokwane City vs TS Galaxy 18h00.
EDr Molemela Stadium: Siwelele vs Chippa United 18h00.
NGESONTO
Dr Molemela Stadium: Marumo Gallants vs Magesi FC 15h30.