05 | Izindaba

Friday, 28 Nocember 2025

Image

Wasuka emakhaya ejahe ukuyovotela i-ANC eThekwini uBab' Udokotela wodumo


Akayizwa eyezimbiza ekulapheni ushukela, ukhuthaza abanalesi sifo ukuya emitholampilo

Skhosiphi Mthembu

WASUKA ngakubo, endaweni yasemakhaya, eMakhuzeni, eBulwer, wanikela eThekwini ngoba ejahe ukuyovotela i-ANC - okhethweni lokuqala lwentando yeningi, ngo-1994 - uBab' Udokotela osezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngezinkulumo, nangokuchoma ngempilo ewubukhazikhazi.

Engxoxweni ekhethekile neLANGA Lempelasonto, uBab' UDokotela, ogama lakhe langempela nguDumisani Emmanuel Zuma (52),  uveze ukuthi okwamususa emakhaya wukuyofuna umsebenzi eThekwini, bese evotela i-ANC, kwazise emakhaya babethanda kakhulu elinye iqembu.

Okuhlalukile ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba, ngamancoko akhe njengoba ebekhuluma asebenzise amagama esilungu amakhulu, maqede abuze ukuthi izwile yini intatheli, bese efa yinsini.

Uveze ukuthi ushadelwe ngo-1996, yena nowakwakhe babusiswe ngamadodakazi amathathu.

Uveze ukuthi elikaBab' Udokotela adume ngalo ezinkundleni zokuxhumana, yigama lebhizinisi lakhe njengoba enomtholampilo owaziwa ngeBab' Udokotela Health and Beauty Clinic, ozinze eThekwini,  futhi unesigodlo okuthiwa yiKwaBab' Udokotela Natural Medicine.

Image

Uveze ukuthi unesifiso sokuba nohlelo  kumabonakude, lapho azoqhubeka ashumayele ivangeli lokuthi abantu badle ukudla okunempilo, futhi bazinakelele.

"Inhloso yami ngokuqala ama-podcast, okuyiBab' Udokotela TV, nethi Ubunyanga Basendulo TV, wukuthi bengifuna ukufundisa abantu ngezinto eziningi ezibalulekile empilweni.

"Uma ungabheka izihloko esengike ngakhuluma ngazo, kubalwa indaba yendishi eyayishaywa ngaphesheya koThukela, ngoba lokhu ababekwenza kuphambene nomthetho, kuwukuwasha imali.

"Ezinye zezihloko abantu abakhombise ukuzithanda, ngeziphathelene nokukhuza intsha ekuphatheni izibhamu.

"Esinye ngesikhuluma ngabesilisa abathanda ukuphatha amakhadi amaphoyinti asezitolo. Eqinisweni nje, la makhadi ngawomama, akulindelekile ukuba umuntu wesilisa abonakale ewaphethe," esho ehleka.

Uthi inhloso yakhe ngalokhu asuke ekukhuluma, wukugqugquzela abantu ukuba basebenze ngokuzikhandla.

Uthinte nendaba yabantu abanesifo sikashukela, wathi uyaye abeluleke kwi-podcast yakhe, ngokuthi mabahlukane nokwelashwa ngomakhelwane ngezimbiza, kodwa mabaye emtholampilo ukuyothola usizo.