12 | Izindaba  

Friday, 28 November  2025


Kulobe:
uMenzi Jele

Ezempilo

Image

Ukuwohloka kwengqondo (Dementia) akulapheki kodwa kungagwemeka

 Uma ungumuntu obethanda amankwebevu ebusheni bakho, usengcupheni yokuhlaselwa yilesi sifo ebudaleni bakho...

 ISIFO sokuwohloko kwengqondo (dementia), sesikhathaze abantu abaningi ngoba uma sesihlasele, aselapheki. Lesi sifo, sihlasela kakhulu  asebekhulile ngokweminyaka.

Sichazwa njengokuphazamiseka kokusebenza kwemithambo yengqondo noma ezinye izicubu zomzimba. Yisifo lesi esingakhethi ukuthi ungowaluphi uhlanga.

Kunesifo esibiwa nge-Alzheimer, okuyisona esidala ukuwohloka kwengqondo. Umuntu oqala ukuhlaselwa yilesi sifo, uqala anganaki izinto ezimqoka okufanele azenze, njengokugeza uma evuka ekuseni noma eselala.

Image

Ukhohlwa ngamagama abantu obaziyo, nezinto ukuthi uzibeke kuphi. Abantu uma kuqala lezi zinto kumuntu, abantu bazithatha kancane bathi, "usengenwa ukuguga".

Ukugwema isifo sokuwohloka kwengqondo, hlukana nokuhlala udangele, noma uphatheke kabi, ngoba lokhu kuthikameza indlela umuntu acabanga ngayo. Uma kukhona into ekuphethe kabi, noma ongayithandi khuluma, ungafeli phakathi.

Image

Uma ebusheni bakho ubungumuntu osebenzisa izidakamizwa nokuphuza utshwala ngokweqile, maningi amathuba okuthi lesi sifo sisheshe sikuhlasele.

Abanye abantu uma sebeqalwa yisifo sokuwohloka kwengqondo, baba nenkinga yokukhuluma (speech disorder). Uma kusekuleli zinga, phuthuma uyobonana nodokotela abaziwa ngokuthi ngama-speech therapist.

Isifo sokuwohloka kwengqondo, singadalwa nawumsindo, uma ebusheni bakho ubuhlala ezindaweni ezinomsindo, usengcupheni yokuba sikuhlasele.
 
Abanye abantu bayalimala, kodwa bangayi kodokotela, bophele ngaphakathi. Lokhu kudala ihlule ngaphakathi uma umuntu eseguga, lelo hlule livale ukusebenza kweminye imithambo yengqondo.

Image

Ukuhlala nabantu obathandayo, nokuzivocavoca kungakugwema ukuhlaselwa yisifo sokuwohloka kwengqondo.

Ukuhamba ibanga ngezinyawo, nokudla ukudla okunomsoco, izithelo, imifino, amantongomane, ukuphuza ubisi, namanzi amaningi, kungagwema ukuthi uhlaselwe yisifo sokuwohloka komqondo.

Abantu uma sebehlaselwa yilesi sifo, babona izinto ezingabonwa ngabanye abantu, bakhulume bodwa noma bahleke bodwa.

Umuntu ohlaselwa yisifo sokuwohloka kwenqgondo, udinga ukunakwa, azizwe ebalulekile (special attention), aphathiswe okwengane encane. Uma unovalo lokuthi usuhlaselwa yilesi sifo, yenza izinto ezizokwenza ube matasatasa, njengokulima ingadi, nokugeza imoto uhambise, futhi uhlangabeze abazukulu uma beye noma bebuya esikoleni.

Image

Abanye abantu abawohlokelwa yingqondo bayaduka, aphume endlini umuntu enqunu, kodwa engaboni yena ukuthi akagqokile. Baduka batholakale komakhelwane noma emgwaqweni.

Kwezinye izindawo, lapho abantu abangenalo ulwazi ngalesi sifo, bayashaywa, babulawe ngoba kuthiwa bayathakatha.

Uma usuthathe umhlalaphansi, thola ezinye izinto ozozenza, njengokubamba iqhaza ebandleni okhonza kulo noma, ugxile ezinhlanganweni zomphakathi, noma ube kuma-school governing bodies.

Kubalulekile ukubonana nodokotela, uxilongwe ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi.

* Ulwazi lucashunwe kwabe: Mayo Clinic