11 | Ezikaqedisizungu

Friday, 28 November  2025

HHOLA MNTWANA!

Ngizokuthengela umuzi one-pool, eSandton...♥️💓💛💚

Image

Nkosazana noma bangangifaka udukanezwe ngidukele ezweni langakini. Kuyazalwa emazweni madoda! Engingakusho ukuthi ngiyathutha eSouth Africa, ngiyohlala nalesi siphalaphala e-Angola. Nobuhle, ngalamasentshana enginawo nginga-renta umuzi one-pool  khona ngizohlale ngizibukela lobu buhle.

Image

Le ntokazi nguDjamaiiza Antunes (27), waseLuanda,
e-Angola. Yisingqazu esithanda impilo emnandi njengoba emakhasini aso ezinkundleni zokuxhumana, sibonakala sidla ezindaweni zezinga eliphezulu. Le ntokazi ingumuntu onganqeni ukuhambela amazwe njengoba ibonakala itetemuka ezithombeni zayo. Sengathi ungatetemukela eMzansi, muntuza.