18 | Ezemidlalo
Friday, 28 August 2029
NGULANGELIHLE Phili weChiefs, enozakwabo uWandile Duba.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UGQEMEKE udume lwengozi umqeqeshi weKaizer Chiefs, uFernando Da Cruz, kulimala isilomo esisanda kusayiniswa yile kilabhu, uLangelihle Phili (21) okuvela ukuthi uzohlala izinyanga ezimbili engalikhahleli ibhola.
IChiefs ibambane neRichards Bay FC ngo-2-2 koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Amagoli eChiefs ashaywe nguLebohang Maboe - obekuyiphenathi - noSiphesihle Ndlovu, aweBay aqotshelwa enethini nguNqaba Xulu.
UPhili - odlala esiswini, osanda kuthengwa yiChiefs kwiStellenbosch - akazange abonakale kulo mdlalo ngenxa yokulimala.
NGUMQEQESHI weChiefs, uFernando Da Cruz.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UDa Cruz ekhuluma nabezindaba emuva kwalo mdlalo, uthe ufe olwembiza njengoba odokotela bemazise ukuthi lesi silomo sizohlala amasonto awu-8 singadlali.
"Ulimale (iqakala) ejimini, akekho omdlalise kabi, uzilimalele nje eyedwa. Sishayekile ngoba ubeseqala engena egiyeni.
"Nokho masethembe ukuthi uzobuya ngamandla ngoba ungumdlali esimdingayo, futhi oseqophelweni eliphezulu," kusho uDa Cruz.