14 | Izindaba 

Friday, 28 August  2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:

USihlalo weNFP eKZN, uthi akasafihli lutho  ngezimpi zangaphakathi:

Image

NGUSIHLALO weNFP, uNkz Mbali Shinga.  

01


Mntwana Sbusiso Zulu:

Niyaziqedela nina into yenu.

02


Khetha Gumede:

Akabanike izikhundla

03


Vela Sangweni:

Kusho umxovi, weNFP sezimxakile manje.

04


Charles Ngcobo:

Namanje uthunywe ngabaphezu kwakhe.

05


Thobani Mathobi:

Uthunywe yiGPU ukuthi azoxova. Nimbheke lo ngoba waxoshwa kudala, konke akwenzayo akasakwenzi ngaphansi kweqembu leNFP. 

06


FIKZA LIKKY:

Nabantu bajaha izikhundla nje,  behluleka wukuletha intuthuko.

07


Bhekokwakhe Dube:

Mama wamapeketwane ngenxa yokuthanda imali kunabavoti. Hambani 'bomunu', bayanidinga futhi bazonihlonipha abanye.

08


Cnairntlahntla Mazandy Biyelarh:

Yini kumele izikhundla kube ngezabathile? Lo mama nguyena obulala iqembu ngamabomu.

09


Mbaba Ntombela:

Inkinga yakho wathunywa ubisi wena wabuya namasi, yingakho nje kumapeketwana kwiNFP.

10


Grandfather:

 Kunesandla semfene la.

11


Siyabonga Mbhele:

Uyinikwe ngubani imvume yokubiza abezindaba?
Yikho konke lokhu ukungalaleli imiyalelo yeqembu.

12


Wellington Mshibe:

Inkinga walalela IFP, wangalalela iqembu lakho nobuholi bakho. Uziphethe umthetho wakhe uMbali Shinga.