9 | Izindaba

Friday, 28 August  2026

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

UBentele uthi phambilini ubeziqhelelanisa nepolitiki ngenxa yokubona uqhekeko eludalayo...

Image

Lucky Cain

UMENYEZELWE njengozomela iDemocratic Alliance esikhundleni sobumeya eMhlathuze, uRob Bentele (osezithombeni) owazakhela udumo enqoba ohlelweni lukamabonakude iSurvivor South Africa.

UBentele uzakhele udumo ngo-2019 enqoba kulolu hlelo obelukhonjiswa esiteshini esikhokhelwayo iMnet.

NgoLwesine iDA imemezele uBentele njengozoyimela kwesobumeya uma inqoba ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuNovemba.

Leli qembu liphinde lamemezela uMnu Leon Garbade, njengozolimela kwesobumeya kuMasipala iRay Nkonyeni.

Image

Leli qembu ngesikhathi limemezela laba baholi, lithe umgomo elibabekele wona ucacile njengoba lihlose ukuhlenga labo masipala, bese livuselela konke okulahlekile noma okonakele.

Ngesikhathi ememezela ukuthi usengena kwipolitiki ekuqaleni kwalo nyaka uBentele, uveze ukuthi phambilini ubeziqhelelanisa nepolitiki ngenxa yokubona idala ukuthi uqhekeko emphakathini.

Wathi kwesinye isikhathi kubalulekile ukuthi usukume kube khona okwenzayo
ukwenza umehluko ngesimo esikhona. 

Image

 Ephawula ngemuva kokumenyezelwa kwakhe uBentele, uthembise ukubeka abantu baseMhlathuze phambili. Uthe usekhathele wukubona bephila impilo yokupatanisa.

Uqhube wathi uMasipala uMhlathuze unethuba lokukhula. Uthe ukuba yimeya kusho ukuthi zonke izinqumo ozithathayo ubeka abantu phambili, ngoba zisuke zithinta bona ngqo.

"I-DA iyaziwa ngokuba yiqembu elihamba phambili ngokwenza kahle ekuphatheni omasipala eNingizimu Afrika, ngakho nami ngizongena kulezo zicathulo, ngiqhubeke nerekhodi elihle leli qembu eselizakhele yona kule minyaka," echaza.