07 | Izindaba
Friday, 28 August 2026
YIMEYA yaseNkandla uNkk Nonhlanhla Nzuza (ogqoke oku-grey), imi nengxenye yabafelokazi abahlomule ngezinsiza zokuqala amabhizinisi.
Uthi yibona abondla abantwana bengasekho oyise
Thandoluhle Ngubo
BAHLINZEKWE ngezinsiza zokuqala amabhizi- nisi njengendlela yokugubha inyanga yabesifazane abafelokazi baseNkandla.
Lokhu kwenzeke emicimbini ebiqhubeka cishe isonto lonke, lapho iMeya yalo masipala, uNkk Nonhlanhla Nzuza, ihlinzeke izinhlangano zabesifazane abangosomabhizinisi ngezinsiza zokuqala amabhizinisi.
YINGXENYE yezinsiza zokuqalwa kwamabhizinisi ezihlonyulwe ngabafelokazi.
Kubikwa ukuthi, ngoMarch nonyaka, uNkk Nzuza wanxusa abesifazane abangaphansi kwalo masipala, ukuba baqale izinhlangano zokuzithuthukisa, okuyilapho okwasunguleka khona inhlangano yabafelokazi ababefisa ukuqala amabhizinisi.
UNkk Nzuza uthi lokhu kuzobasiza kakhulu abefelokazi bakwazi ukuzimela, njengoba iningi labo likhulisa izingane ngalodwana. Uthi lokhu ukwazi ngaye, njengoba naye engomunye wabafelokazi.
"Njengoba silapha namhlanje, siyakuqonda ukuthi akubona bonke abafelokazi baseNkandla abahlomulile.
"Lokhu ngikwazi ngoba isibalo sababhalisayo sikhula usuku nosuku, yingakho lolu hlelo lungagcini lapha, sizoqhubeka nalo.
"Phezu kwalokho, sizolandelela nakulaba abahlomulile, ukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi abo kawawi, ayaqhubeka nokusebenza," esho.
Ziwu-14 izinhlangano zabafelokazi abahlomule kulolu hlelo
Eqhuba, uthi kulolu hlelo kuhlomule izinhlangano zabafelokazi eziwu-14.
Zihlomule ngezinsiza okubalwa kuzo izitsha, amabhodwe, amagesi, izipontshi, yizinkukhu zamaqanda ezihamba nokudla kwazo, amatshwele, yimishini yokuthunga, yizindwangu nokuningi.
Abafelokazi abahlomulile kulolu hlelo, bazwakalisa ukujabula ngokunikwa kwabo izinsiza kusebenza. Bathi lokhu kuzobasiza kakhulu ukuxosha ikati eziko.
UNkk MaNgema Cele (ongathandanga negama lakhe), uthi sekunesikhathi befisa ukuqala ukusebenza, kodwa bengenawo amandla.
Unxuse izakhamizi zaseNkandla ukuba ziwasebenzise amabhizinisi abo ngoba yiwona asebethembele kuwona ukukhulisa izingane, njengoba oyise bengasekho.