06 | Izindaba  14

Friday, 28 August  2026

Uzovulwa ngedili lokuqhakambisa amasiko uMandulo

   Kuzobe kungokokuqala kwenzeka...  

Image

Lucky Cain

IZOVULWA ngedili elixube umculo, umcimbi wezinkondlo, izinganekwane nokuqhakanjiswa kokudla kwesintu, inyanga yokuqhakanjiswa kamasiko namagugu eNingizimu Afrika.

Inyanga kaSepthemba izokwamukelwa ngomcimbi obizwa ngokuthi yiMandulo Heritage Festival, ozoba seThe Sunbird, eGingindlovu ngomhla ka-5 kuSepthemba.

Lo mcimbi kubhekwe ukuba uhehe izinkumbi zabantu abaqhamuka ezinkalweni ezahlukene ezakhelene noMkhandlu iKing Cetshwayo. Lo mcimbi ozobe uqala ukwenzeka kulo nyaka, uzonikeza abazowuhambela indlela ehlukile yokugubha le nyanga.

Image

NguMnqobi Yazo oyingxeye yamaciko azonandisa kwiMandulo Heritage Festival, eThe Sunbird, eGingindlovu ngomhla ka-5 kuSepthemba.

Echaza ngalo mcimbi uWellington Makwakwa owengamele ezokuxhumana kuwona lo mcimbi uthe, balindele abantu abangaphezulu kuka-5000.

"Sizobe sinalo lonke uhlobo lokuzithokozisa ngalolu suku. Ngaphandle kobumanandi sizoba nezigamu zokufundisa nokuthuthukisa," kusho uMakwakwa.

Uthe balindele abantu bamazinga ahlukene kusukela emacikweni asakhula, yizifundiswa, osomlando, yintsha, osomabhizinisi nezikhulu zikahulumeni.

Uqhube ngokuthi ngesikhathi lapho izwe libhekene nezingqinamba ezahlukene ezithinta ukuphila kwabantu, kubalulekile ukuthi bangakhohlwa yilokho okubakhulisayo empilweni.

Image

Yi-Afro Soul eyingxeye yamaciko azonandisa kwiMandulo Heritage Festival, eThe Sunbird, eGingindlovu ngomhla
ka-5 kuSepthemba.

"Amasiko nemvelaphi yomuntu kumqoka, ngakho ngalo mcimbi sizobe sikhuthaza lokhu kodwa ngendlela abantu abazoyithokozela. Sizoqhakambisa amasiko, izilimi nakho konke okuwumsinsi empilweni njengabantu baKwaZulu-Natal, futhi eNingizimu Afrika," esho.

Phakathi kwabaculi abazonandisa kubalwa uMnqobi Yazo, uNaledi Aphiwe, uJumbo, uLimit Nala, i-Afro Soul noDJ Goldmax.

UMakwakwa uthe nabaculi bendawo bazobe bekhona nabo ukuyoveza ithalente labo.