04 | Izindaba
Friday, 28 August 2026
UMCULI oyivukana uMasithela, engqungqutheleni yabaculi ebisehhotela iBlue Waters, eThekwini, ngoLwesine.
IZITHOMBE NGU: MTHOBISI SITHOLE
Mthobisi Sithole
ANCELISWE kokuningi kwezomculo amavukana kamaskandi engqungqutheleni yomculo ebisehhotela iBlue Waters, eThekwini, ngoLwesine.
Le ngqungquthela ihlelwe yiMpucuzeko Maskandi Festival, nabakwaSouth African Performance Rights Association (Sampra).
NGUMCULI kamaskandi uQhosha, engqungqutheleni yabaculi.
Amavukana okungabaculi abasakhulayo kumaskandi, atshelwe ngamalungelo omculo, okubalwa nokubaluleka kokuziphatha kahle.
Isikhulu seMpucuzeko, uMnu Thabani Mthembu, sithe ukubekezela kubaculi nokuzithoba, kuyawavula amasango nakwabanye abahleli bemicimbi.
NGUMNU Themba Mthembu, efundisa amaciko ngamalungelo omculo.
"Ukuhlonipha umsebenzi wenu, nesithunzi enizinikeza sona emphakathini, yisona esivula amasango. Hloniphani nezikhathi zokucula uma nimenywe emicimbini," kusho uMthembu.
Lo mcimbi ubuhanjelwe ngabaculi abadumile, okubalwa kubona uQhosha, uBahubhe, yiBhova Elincane, uMcebo nabanye.
UBahubhe (osesithombeni esingenhla), utshele amavukana ukuthi inkani yakhe yokulwela ukukhula kwezomculo, izale impumelelo.
Uthi njengoba ecula, kuningi angakwazi kwezomculo.
"Sibonga iMpucuzeko ngethuba lokusikhu- lisa ngoba kuningi ukuxhaphazeka okwe- nzekayo ngenxa yokuthi kasinalo ulwazi kwezomculo," esho
mthobisis@ilanganews.co.za