03 | Izindaba
Friday, 28 August 2026
NguMthokozi 'DJ Tira' Khathi othi ngeke esasayinisa amaciko amasha e-Afrotainment.
Lucky Cain
USETHI khumu ekusayineni amaciko amasha ngaphansi kwenkampani yakhe i-Afrotainment uMthokozi 'DJ Tira' Khathi. UTira uveze lokhu ngoLwesibili ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni isikhwama sokusiza nokuthuthukisa amaciko i-Art Legacy Fund ePremier Hotel, eMhlanga.
Kulo mcimbi lo DJ ubungazwe ngokuhlanganisa iminyaka ewu-50 edla anhlamvana. Unconywe ngozakwabo kulo mkhakha ngokukwazi ukukhiqiza inqwaba yabaculi, noDJ abaphumelele KwaZulu-Natal.
UNkosinathi "Black Coffee" Maphumulo oyisihlabani sakuleli esidume nakwamanye amazwe, uchaze uTira njengosebenzise impumelelo yakhe ukufukula abanye abantu.
NguMthokozi 'DJ Tira' Khathi othi ngeke esasayinisa amaciko amasha e-Afrotainment.
UBlack Coffee uthe uyazi ukuthi uTira uthwale kanzima kule minyaka, evundulula amaciko abengaziwa aphenduka osozigidi. Uthe nakuba ebehlale ethukwa ngalokho, kodwa ubengapheli umoya, uqhubekile wakhiqiza inqwaba yasebezimele nabo abakhiqize abanye kulo mkhakha.
Ezibongela uTira, ubonge oDJ nabakhiqizi bomculo wegqom athe babuyise lesi sigqi somculo sabuyela emgangathweni.
NguNkosinathi "Black Coffee" Maphumulo, uMthokozi 'DJ Tira' Khathi noSibusiso "DJ Merlon" Mhlongo, emcimbini ebekwethulwa ngokusemthethweni isikhwama sokusiza amaciko i-Art Legacy Fund ePremier Hotel, eMhlanga.
"Sekusezandleni zethu-ke manje ukuthi sisikhulise (isigqi) naso, sikwazi ukusabalala umhlaba wonke njengoba enza amapiyano. UBoy angagcini ngokuba iskhokho eDurban, kodwa abe yisikhokho emhlabeni," kusho uTira.
Uthe uyabonga ngale minyaka ayigubha njengoba esesitezi sesihlanu ngokwempilo.
"Sekuyisikhathi sokuthi ngishintshe kwengigxile kukho, ngizibheke mina manje. Sisebenzile namajita kahle, sekuyisikhathi sokuthi nawo akhule azimele, azivulele izinkampani zawo.
Mina ngizowasiza lapho edinga khona usizo," kusho uTira.
Uqhube ngokuthi sesiphelile isikhathi sokuthi
i-Afrotainment isayine amaciko amasha.
I-Afrotainment iyaziwa ngamaciko okubalwa kuwo iBig Nuz, uCndo, iQwabe Twins, uJoocy, uDladla Mshunqisi, uDuncan, uTipcee nabanye.
UTira usebenze nenqwaba yamaciko aseThekwini namaphethelo, akwazile ukuwacathulisa kulo mkhakha okubalwa kuwo iDistruction Boyz, uDlala Thukzin, uZakwe, uNgane, uCaptain, uMgilane nabanye.