18 | Ezemidlalo

Friday, 27 March 2026

Image
Kayicaci eyokuvuselelwa kwenkontileka kaSirino

NGUZITHA Kwinika oyisitobha seChiefs.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ezimbi ekhempini yeKaizer Chiefs

Mfanafuthi Ndlovu

EZIMBI ekhempini yeKaizer Chiefs ngomdlali wayo omqoka, okuvela ukuthi angase abonakale ngesizini ezayo ngenxa yokulimala.

UZitha Kwinika odlala emuva kwiChiefs, akazange abonakale emidlalweni emibili yale kilabhu eyedlule - lapho ebibhekene khona neDurban City, neMagesi FC. 

Kuvela ukuthi lo mdlali ulimele.
Kwenzeka lokhu nje, inkontileka yakhe neChiefs iyaphela ngomhla ka-30 kuJune nonyaka.

IChiefs kuthiwa ihlela ukumunika entsha.
Umthombo weLANGA Lempelasonto, uthe: "UKwinika akabonakali kulezi zinsuku nje, yingoba ulimele. Okuvelayo wukuthi angase angabe esabonakala ngale sizini.

"Okubi wukuthi inkontileka yakhe iyaphela uma kusongwa le sizini, kodwa isikuqinisekisile ukuthi izomunika entsha.

"Maduze zoziqala izingxoxo naye, uma kuvunyelwana ngakho konke, uzosayina, aqhubeke nokudlala kwiChiefs." 

Image

KUSUKELA kwesobunxele; nguLebohang Maboe, nguPule Mmodi noZitha Kwinika abangabadlali beChiefs.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs, ebuzwa ngalolu daba, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalo, ngenxa yokuthi uxineke emngcwabeni.

Kwenzeka konke lokhu nje, kayicaci indaba yokuvuselelwa kwenkontileka kaGaston Sirino ongumdlali weChiefs. Iyaphela ngomhla ka-30 kuJune.

USirino ufike kwiChiefs kumasizini amabili edlule, emuva kokuba echithwe yiMamelodi Sundowns.
Selokhu efike kwiChiefs, akukho okungako asakwenzele le kilabhu.