21 | Ezemidlalo
Friday, 27 March 2026
IMANCHESTER United yase-England, isitshele iBarcelona yaseSpain ukuba ibuyise uMarcus Rashford (osesithombeni) uma kuwukuthi kayiphumeli obala ngesimo salo mdlali.
IBarcelona iboleke uRashford kwiMan U ekuqaleni kwesizini. Imuboleke kuze kuphele isizini. Kunesivumelwano sokumthenga uma igculiseka ngaye.
Kuthiwa iMan U ifuna imali esondela ku-R600 million ngalo mdlali.
URashford wenza kahle kwiBarca kangangoba le kilabhu iphumele obala yathi igculisekile ngaye.
Nokho kayicacisi ukuthi iyamthenga noma cha.
IMan U ikhiphe isitatimende yathi: ''URashford kasimbolekisanga ngoba singasamdingi, yingoba ubefuna ukushintsha umoya kwazise ubengalitholi ithuba lokudlala.
"Kodwa lokho bekungachazi ukuthi kasisamfuni, kumbe kasisamdingi.
Usangumdlali wethu omqoka, uma kuwukuthi iBarcelona kayicacisi ukuthi iyamthenga unomphelo, sizophoqeleka ukuthi uma kuphela isizini simlande.''
Yize uRashford engasitholi njalo isikimu kwiBarca - ngenxa yokuthi ubanga indawo nezethenjwa zale kilabhu, okunguRafinha noLamine Yamal - kodwa ubukeka eneme kule kilabhu.
Uma elitholile ithuba, uyalisebenzisa ngokuthi ashaye amagoli.
UBolekiswe kwiBarca nje, ubesuka kwi-Aston Villa nayo abebolekisiwe kuyona.
Ukudlala kwakhe kwiBarca kubuyise ithemba ngaye eqenjini lesizwe lase-England, njengoba esebizwa kulona emuva kokuba eke wazitshwa.
Ukhona eqenjini labadlali abawu-35 elimenyezelwe ngumqeqeshi, uThomas Tuchel, elizogijima eyobungani ne-Uruguay namhlanje, neJapan ngoLwesibili.