17 | Ezemidlalo
Friday, 27 March 2026
NGUMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos nabanye abadlali bakhe, u-Ime Okon noRenaldo Leaner.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UDALULA afuna ukukuzuza ngomqhudelwano weNdebe yoMhlaba yeFifa, ozokuba se-United States of America, eCanada naseMexico ngoJune umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.
IBafana izobhekana nePanama kowokuzilungiselela lo mqhudelwano namuhla ngoLwesihlanu ngo-19h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ilungiselela umqhudelwano wendebe yomhlaba nje. iku-group A neMexico neSouth Korea,
kulindwe izwe elilodwa phakathi kweCzech Republic, yiDenmark neNorth Macedonia abasazodlala eye-UEFA play-offs, bese liphelela leli qoqo.
NGU-OBED Vargas weMexico - ezovula neBafana Bafana kwindebe yomhlaba - ejahwa ngabadlali bePanama ezongcweka neBafana namuhla, uJose Murillo (ongemuva) noKevin Galvan.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
IBafana izovula lo mqhudelwano nosokhaya, iMexico.
UBroos udalula afuna ukukuzuza ngalo mqhudelwano obhekwe ngabomvu.
"Abantu abaningi abangaqondisisi uma ngisho engikuhlosile ngaleli qembu, bavele bacabange ukuthi nginehaba, uma sekwenzeka bese bemangala.
"Esikuyela kulo mqhudelwano wukuthi eqoqweni lethu siqede silele okungenani endaweni yesibili, okuyiyona ezosidlulisela emzuliswaneni olandelayo.
"Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi ngifuna siqophe umlando, sidlulele esigabeni somkhumulajezi,'' kusho uBroos.
Umdlalo olandelayo weBafana nePanama uzokuba ngoLwesibili ngo-19h30 eDHL Cape Town Stadium.