16 | Ezemidlalo

Friday, 27 March 2026

Image

NGUMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

OweBafana nesicelo kubathandi bebhola baseKZN

Uthembisa ukubanika umdlalo omnandi

Senzo Sokhela

WENZA isicelo kubathandi bebhola baKwaZulu-Natal uHugo Broos, ongumqeqeshi weBafana Bafana ebhekene nomdlalo omqoka wokuzifudumezela iNdebe yoMhlaba yeFifa.

IBafana izobhekana nePanama kowokuvivela indebe yomhlaba namuhla ngoLwesihlanu ngo-19h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Image

NGUMQEQESHI wePanama, uThomas Christiansen.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UBroos wenza isicelo kubathandi bebhola ngalo mdlalo.
"Konke kubukeka kuhamba kahle ngamalungiselelo alo mdlalo, isikwati sami siphelele manje.

"Ngicabanga ukuthi sekusele ukupholisha izinto ezincane bese singena enkundleni, sibone ukuthi iPanama isiphatheleni.

"Engikucelayo wukuthi abantu baKwaZulu-Natal, nabathanda ngobuqotho izwe labo, baphume ngobuningi babo ukuyokweseka abafana.

"Yilapho bekudinga khona ukwesekwa ukuze bagijime lo mdlalo ngokukhulu ukuzethemba. Ngicela bazonika abadlali bethu uthando, nathi sizokwenza konke okusemandleni ukubabukisa ibhola elimnandi,'' kusho uBroos.

Umdlalo olandelayo weBafana nePanama uzokuba ngoLwesibili ngo-19h30 eDHL Cape Town Stadium.