14 | Izindaba
Friday, 27 March 2026
UMFUNDI waseNtshisekelo, eNanda, ubelethele amawele esikoleni, ngeshwa ashona womabili.
Nomfundo Mahlophe Mkhize:
Imfundo nje iyohlezi ihamba yodwa. Noma kungathiwani, kodwa uma uke wayixuba nokunye, imiphumela iba nje.
Skhumbuzo Mthembu:
Izingane zinjenjenje yile mithetho kahulumeni ebhedayo. Limehlulile uhulumeni izwe.
Jabulisa Jali ENgubevu:
Kuvele ku-wrong nje ukuthi umfundi aqhubeke nokufunda esekhulelwe. Akakwazi ukuzinakekela njengoba ekhulelwe, uxakwe yizincwadi.
Mdu Sibusiso Wosiyane:
Lafa elihle kakhulu!
Makwakhiwe i-maternity (ward), ezikoleni ngoba vele lo hulumeni wethu udidekile.
Mphumuzi Contractors:
Sekufanele kube khona umhlengikazi vele ezikoleni zikahulumeni, njengakulezi ezizimele.
Mary Mnguni:
Kade eyaphi esikoleni sekusondele izinsuku zokuteta?
Sifiso Nzima:
Lona owathi izingane mazifunde zimithi uyisikhohlakali, ngoba ubhebhezela ukulalana kwezingane.
Thembinkosi Sithole:
Zaze zaboniswa amanyala izingane zakweminye imizi.
Bonie Gudie Msweli:
Sekothiwa uthisha this and that.
Lapho kube kungumzali othe mayifunde ngoba unyaka usaqala, izoteta bese iyabuyela.
Cindy Mgabadeli:
Uzozwa-ke bazothi makaxoshwe u-principal.
Sponono Spo:
Angithi banenkani abazali. Othisha kabafundelanga ukutetisa.
Sandiswa Amanda:
Ubeyaphi esikoleni umfazi ozithwele cos kutetelwa emtholampilo, hhayi esikoleni?
Thembisile Ntshangase:
Bathwele kanzima othisha bamanje.
Sebengama-midwives.
Cynthia Nomusa Mabika:
Baze bathwala kanzima othisha! 🙆
Lindelani M. Duma:
Ubeyaphi yena esezozala?
Mbongeleni Madlala:
Abazali bakhe bebethule bethini ingane iya nesisu esikoleni?
Simphiwe Mnguni Khuzwayo:
Kuyenzeka yini ingane yomlumgu imithe isafunda isikole, uyibone iya nesisu esikoleni?🤔 Mhlambe yimi ongakaze abone.
Thembiyona Twala:
Izingane azizwa mshini ngamadoda, nenhlonipho kayisekho. Baze bavelelwa othisha ngokufundisa omama nobaba! 💔💔💔
Mdladla Dumisani:
Okusho ukuthi yiyona nto ayeyiyele esikoleni leyo.