12Β  | Izindaba

Friday, 27 March 2026

Ubungozi besifo senhliziyo

Usengcupheni uma kukhona oke waba nesifo senhliziyo emndenini wakho...

Nokukhuluphala ngokweqile kunomthelela...

Image

Menzi JeleΒ 

MINYAKA yonke, amakhulu ngamakhulu abantu emhlabeni, amelwa yinhliziyo. Abantu abamelwa yinhliziyo, imvamisa basuke benesifo senhliziyo, esingamahlalakhona (chronic cardiac disease).

Uma umuntu onesifo senhliziyo, engazinakekeli, lokho kungaholela ekutheni inhliziyo ime, ingabe isashaya, okusho ukufa. Ubungozi besifo senhliziyo, bufana nobesifo somdlavuza, ngoba lezi zifo, ziyimbangela yokufa kwabantu abaningi.

Nazi izinto ezingaba yimbangela yokuba nesifo senhliziyo:

πŸ’” Ukukhuluphala ngokweqile (obesity).
πŸ’” Ukungazivocavoci.
πŸ’” Ukubhema ugwayi.
πŸ’” Ukuhlala endlini efulelwe nge-asbestos.
πŸ’” UkudlaΒ  okunamafutha amaningi, ikakhulukazi
i-cooking oil.
πŸ’” Ukungakhulumi uma kukhona into ekuphethe kabi, nokubamba amagqubu.
πŸ’” Ukungakhali uma ushonelwe ngumuntu omthandayo, noma osondelene naye.
πŸ’” Ukungaziniki isikhathi esanele sokulala ebusuku, nesokuphumula.

Uma kwake kwaba khona emndenini, umuntu owayenesifo senhliziyo, sivama ukwedlulela ezizukulwaneni ezizayo.

Image

Uma isifo senhliziyo sisaqala, indlela inhliziyo eshaya ngayo iyashintsha, kuyenzeka ishaye mawala, noma ishaye kancane.

Kuyenzeka kuphazamiseke imithambo ehambisa igazi enhliziyweni. Amaphaphu angcolile, nacindezelekile, ayasidala isifo senhliziyo.

Ukungangeni komoya ohlanzekile (oxygen) emzimbeni kuyaba nomthehela esifweni senhliziyo.

Ukopha ngokweqile (severe bleeding), kuyenza kuphazamiseke ukushaya kwenhliziyo.

Udokotela abangongoti bezifo zenhliziyo, uma isiphazamiseka kakhulu, bayayikhipha, umuntu bamfake inhliziyo yewashi. Uma usukulesi simo, qaphela ukudla okudlayo.

Ulwazi ngabe: John Hopson Medical JournalΒ 

menzi.jele@ilanganews.co.za