09 | Izindaba
Friday, 27 March 2026
Kulobe: uThandi Zondi
Izindaba
Bafisa kushintshe umcabango wokuthi abamnyama kabanendaba nemvelo...
KUNINGI okusadinga ukwenziwa emkhakheni wezemvelo ukuze nabamnyama bakwazi ukungena bachume kulo mkhakha, ikakhulu kwezamafilimu. Lokhu kuvezwe nguMnu Noel Kok, ongomunye wabasunguli beNature, Environment and Wildlife Filmmakers (NEWF), okuyisithangami esihlanganisa abaqophi bamafilimu, abatshuzi bangaphansi kwamanzi, abathwebuli, ososayensi nezishoshovu zokuhlengwa kwemvelo.
Kulo nyaka lesi sithangami besibanjelwe eBayala Game Lodge, eSodwana Bay. Bekuhlangene izethameli ezivela emazweni awu-25, awase-Afrika naphesheya kwezilwandle.
Echaza ngalesithangami, uMnu Kok ngaphansi kwendikimba (theme) ethi Africa Refocused, uthe bafisa ukushintsha indlela i-Afrika ebukwa ngayo, baphinde badingide nomhlahlandlela ocaba indlela eya phambili.
Bafisa kushintshe umcabango wokuthi abamnyama kabanendaba nemvelo.
“Sizobheka ukuthi siqinisekisa kanjani ukuthi sixoxa izindaba ezizohlala emiqondweni yabantu ngendalo. Lo mcabango wokuthi abamnyama kabanendaba nemvelo, sifuna ukuwushintsha.
"Sibheke nezinselelo ezikhona. Thina njengabantu abamnyama saziwa njengabantu abaphambili uma kunqunywa izimpondo zobhejane, noma kufika izivakashi ezindaweni zokugcinwa kwemvelo uthola thina sijabula, sishaya ingoma.
"Sifuna ukukushintsha konke lokho, kube yithi esilandisa ngomlando wemvelo. Lokho kungenzeka uma sinikwa ithuba, izindaba zemvelo sizixoxe ngendlela yethu ngokubambisana nabasemkhakheni wezamafilimu,” kuchaza yena.
NguThembeka Zulu noFisokuhle Zikhali, abahlomule ohlelweni lakwaNEWF.
Uthi izinhlelo ezixoxa ngemvelo ezifana no-50/50 kakumele zigcine ezinhlangeni ezithile, nabamnyama kumele bangene.
Ebuzwa ukuthi kunzima kangakanani ukudayisa lezi zinhlelo eziteshini zikamabonakude uthi: “Kunzima kodwa bekumele sibahlalise phansi abeziteshi zikamabonakude, sichaze ukuthi bakhona ababukeli abathanda lolu hlobo lwezinhlelo.
"Siyakwazi ukuzenza zibe mnandi, kungabi ezokufundisa kuphela futhi ziyakwazi ukwenziwa nangolimi lwesiZulu. Uma abeziteshi zikamabonakude besinika ithuba, bazobona ukuthi izinhlelo ezinjengalezi zinabo ababukeli,” kusho uKok.
I-NEWF seyisize intsha engasebenzi, yangena emkhakheni wezemvelo. Ukusizakala kwentsha ngesithangami seNEWF, sekusize nentsha engasebenzi ukuba ikwazi ukungena emikhakheni yokugcinwa kwemvelo nezamafilimu.
UNkz Thembeka Zulu (23) waseNhlwathi, KwaHlabisa uneziqu zeZoology azithole enyuvesi yasoNgoye, kepha ngokungatholi umsebenzi, waqhubeka wafundela iPGCE egxile kwiLife Science.
Ube esejoyina uhlelo iWild Impact lwezemvelo, okuyilapho ehlangane khona noDkt Jeanne Tariant we-Anura Afrika, omfake emkhakheni wesayensi.
“Bekunocwaningo lwamaxoxo olwenziwayo, ngenxa yokunyanya, ngiqale ngaba nokungabaza. Ekuhambeni kwesikhathi ngizidele amathambo, ngafunda ngamaxoxo. Kumanje sengiyakuthokozela ukufunda ngawo, futhi angisawesabi,” esho.
Le ntokazi isemathubeni okuba ngowesifazane wokuqala ngqa omnyama ukuba yiFrog Scientist eNingizimu Afrika njengoba iqhubeka nokufunda.
“Emakhaya sikhule sitshelwa ukuthi singasondeli eduze kwexoxo. Okuhle engikutholile ngalo, wukuthi linendima enhle eliyidlalayo kwezemvelo. Ubukhona bamaxoxo endaweni ohlala kuyo, kusho ukuthi leyo ndawo ilungile ngokwemvelo. Amaxoxo ayazifanela nezinye izilwane,” esho.
Uthi akufisayo wukuthola umsebenzi, emkhakheni wezesayensi awukhonze kakhulu.
UMnu Fisokuhle Zikhali (23) waseMbazwana, ungomunye ohlomule ngokuba khona kwezithangami zamafilimu.
“Bengingumuntu osiza ngemisebenzi emincane, kodwa umphathi wami wabona indlela engizikhandla ngayo nokuzimisela, wathi angizame umkhakha wamafilimu,” kuchaza yena.
Le nsizwa ifundela iMedia and Filming, isike yaba yingxenye yefilimu ethi, “Imagine Fire and Memory”.