06 | Izindaba

Friday, 27 March 2026

Image

Ushayelwe isoso okamaskandi ogulayo


Unikelelwe ukuze kuhlengwe impilo yakhe


Mthobisi Sithole

IHLANGANISELWE imali yokunakekela impilo yayo ingqwele endala kamaskandi, uSipho "Thwalofu" Khoza (75), okuthiwa ibambekile empilweni ngenxa yokugula.

Lo mculi ushayelwe isoso lemali engango-R240 000 edaluliwe. UMnyango wezamaSiko namaCiko KwaZulu-Natal, ukhiphe u-R200 000, kwathi uMasipala waseMthonjaneni wakhipha u-R40 000.
Lo mnikelo wedluliselwe emndenini yi-Ayanda Msweli Foundation.

Ngokusho kukaSgwebo Sentambo ongumshana kaThwalofu, uthi isimo sempilo sinzima kuThwalofu, ugula kakhulu. Uthe sekunzima ukumnakekela ngenxa yokungabi bikho kwemali.

"Umalume uhlala yedwa. Okuningi kubheke mina ukuba ngikwenze. Ukugula kwakhe kuyangihlukumeza kakhulu enhliziyweni yami, ngoba ngiyalazi iqhaza alibambe empilweni yami, engikhulisa kanzima. NaseGoli bengihlala naye iminyaka ewu-8, silala embhedeni owodwa.

"Ngakho-ke ngisukumile ngaxoxisana nabantu abazongisiza, ukuze kunakekelwe impilo yakhe ngoba uma sekumqinisile ukugula, kuba nzima nakimi ukuthola imali ka-petrol, ukuba ngimhambise ezibhedlela," kusho uSgwebo.

Uveze ukuthi bonke ababambe iqhaza ekunikeleleni umalume wakhe, basuse umthwalo emahlombe akhe.

Uthi enye ingxenye yemali ikhishwe ngu-Ayanda Msweli ebhakedeni, u-R14 000, kwathi usomabhizinisi wendawo uMnu Vika Biyela, wakhipha isamba esingadalulwanga.

"UBiyela nguyena obengisiza kakhulu sonke lesi sikhathi, engipha imali ka-petrol uma sekufanele ngiphuthumise umalume emtholampilo.

"Ngiyabonga kakhulu ngosizo lwakhe. Sekungcono ngoba sesikwazile ukuthola umnikelo oyokwazi okwalesi sikhashana ukusiza umalume," esho.

USgwebo utshele leli phephandaba ukuthi asikho isifo esiphathekayo esiphethe umalume wakhe. Uthi odokotela bathi kulimele isibindi, okwenza ingaphakathi lakhe liphazamiseke.

UMsweli uthe amagalelo kaThwalofu ayaziwa kakhulu endimeni yomculo kamaskandi.

"Akufanele sigoqe izandla uma iciko lakithi eliyibambe ishisa endimeni yomculo, lisenkingeni, singangeneleli. Ngiyathemba ukuthi umnikelo esiwenzile, uzosiza kakhulu," kusho uMsweli.
mthobisis@ilanganews.co.za