05 | Izindaba
Friday, 27 March 2026
Odilikajele ababili kowabulala izelamani edoba isihlobo sazo, ayesisola ngokweba imfuyo
Skhosiphi Mthembu
UGIXATSHEZWE ngodilikajele ababili owesilisa waseNkomba, eMuden, owadubula wabulala izelamani zakwaMchunu, ngoba esola isihlobo sazo ukuthi seba imfuyo yakubo.
UNtando Khanyile (24) ugwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ngamacala amabili okubulala lezi zelamani, uMnu Goodman Mchunu (55) noNkz Ngenisile Mchunu (78).
Kubikwa ukuthi isigameko sokubulawa kwazo, senzeka ngoNovember 2024, eMuden. Kubikwa ukuthi kwenzeka lokhu nje, uKhanyile wayehlose isihlobo salezi zelamani, njengoba wayesola sona ngokuthi sithathe imfuyo yakubo, wabe esebhodlela kuzona.
Umsolwa kuthiwa wayedoba isihlobo salezi zelamani
UNkz Mchunu wabulawa eya emngcwabeni kamfowabo uGoodman, owabulawa kuqala. Kuthiwa wayesuka kwesaKwaMthethwa, eMpangeni lapho ayehlala khona.
Ngesikhathi kwebiwe imfuyo yakubo, kuthiwa uKhanyile, wahlela umhlangano nesihlobo sabafi, ngoba ethi ufuna ukudingida lolu daba.
Kuthiwa lesi sihlobo ayesisola, kasizange sifike kuloyo mhlangano, kuthiwa lokho kwamcasula kakhulu uKhanyile. Kuvele ukuthi ngomhla ka-17 kuNovember 2024, wabe esehlasela uGoodman esendlini yakhe, wamdubula, wambulala ngehloso yokudoba isihlobo sakhe, lesi ayesisola ngokuthi sebe imfuyo yakubo.
Kubikwa ukuthi kwabe sekudlula izinsuku ezine kwenzeke lesi sigameko, ngomhla ka-21 November, uKhanyile wabona uNgenisile ehamba yedwa emgwaqweni, owayefikele ukuzongcwaba uGoodman, wamdubula, wambulala.
Emuva kwalesi sigameko sesibili, kuthiwa uKhanyile wabaleka endaweni. UMnu Sipho Ximba oyindodana kamufi uNgenisile, uthi unina akabange esamngcwaba umfowabo, wabulawa kuwuLwesihlanu umngcwabo uzoba ngeSonto.
"Lo mfana wangingcwaba ngiphila. Wenza into ebuhlungu emndenini wami.
Umama ubengumthandazi, engicabanga ukuthi wambulala ngoba ezitshela ukuthi uzokwazi ukusebenza isidumbu sikamfowabo, bese kuvela ukuthi nguyena owambulala," esho.
NgokweNational Prossecuting Authority (NPA), UKhanyile waze waboshwa ngemuva kwamasonto ambalwa efunwa ngamaphoyisa.
Umshushisi Adv Yaseera Latchman, ubize ofakazi ababili abaveze ukuthi uKhanyile wagonyuluka kubona ngesenzo sakhe sokubulala lezi zelamani.
Ufakazi wombuso enkantolo, yena uveze ukuthi udaba lombango wemfuyo lwake lwaba khona eminyakeni ewu-7 eyedlule. Lwaxazululwa ngaphambi kwalezi zigameko zokubulawa kwamalungu omndeni wakwaMchunu.
UKhanyile ube esegwetshwa odilikajele ababili icala ngalinye lokubulala. Ube esephucwa nelungelo lokuphatha isibhamu.