03 | Izindaba

Friday, 27 March  2026

UPhakel' umthakathi ucacisa 'okumxosha' kwezokulingisa

Ukulingisa izindawo ezimenza aqabulane nezocansi, uthi kakuhambelani nenkolo yakhe

Image

NGUNKOSIKHONA 'Phakel'umthakathi' Ndabandaba, othi uyazihlunga izindawo alingisa kuzona

Nhlanhla Hudla

UVEZE ukuthi "uxoshwa" wukulingisa izindawo zokuqabulana nezocansi, okuyinto emqhatha nenkolo yakhe, uMnu Nkosikhona "Phakel'umthakathi" Ndabandaba.

Useke wabonakala emidlalweni eyehlukene kuleli, okubalwa kuyona i-Shaka iLembe, iSmoke & Mirrors, neHow To Manifest. Uvela nakuma-Advert ahlukene kumabonakude.

Le nsizwa edabuka kwaMandlakazi, KwaNongoma,  isizakhele udumo nasezinkundleni zokuxhumana ngokugqugquzela isintu.

UPhakel' umthakathi uthi nakuba ezifela ngokulingi-sa, kodwa kunezindawo anqandekayo kuzo ngenxa yenkolo yakhe, angayidalulanga.

Unxuse ababhali nabahleli bemidlalo kamabonakude ukuba bangamniki lezi zindawo uma befisa ukumsebenzisa.

Ucela abafisa ukumsebenzisa, bangamniki izindawo ezinocansi, nokuqatshulwanayo kuzona

"Ngingumuntu ozifelayo ngokulingisa, inkinga iqala lapha sekumele ngilingise indawo yokuqabula noma yokwenza ucansi.

"Ngingakwenza konke, kodwa ngeke kube lula ukuba ngizithole sengiqabula noma ngilingise eyokulala. Ngiyazicelela kubahleli nakophrojusa ukuba bangadinwa yimi ngenxa yalezi zicelo.

"Ngiyazi kwabanye ngeke kuzwakale kahle. Lokhu angikwenzi ngoba ngingahloniphi, kodwa kungenxa yenkolo yami, engivimbela ukuba ngenze isenzo esifana naleso." esho.

Kulezi zinsuku uPhakel'umthakathi umatasa nemikhankaso yokulwisana nabokufika abakuleli ngokungemthetho, ezingxenyeni ezehlukene zesifundazwe.